Kapowezha: UKomphela uqhelelane kakhulu neqiniso
Imenenja yeMoroka Swallows, u-Elasto Kapowezha, izichithile izinsolo ezishiwo obengumqeqeshi waleli qembu, uSteve Komphela.
UKomphela ubesemsakazweni kuleli sonto, echaza ngezinkinga abhekane nazo ngesikhathi esengumqeqeshi weSwallows.
Lo mqeqeshi ukhululwe ngokusemthethweni kulo leli sonto esikhundleni abengene kuso ngoJuni esuka kwiMamelodi Sundowns.
UKomphela, owake waqeqesha iKaizer Chiefs neMaritzburg United phambilini, usole u-Elasto Kapowezha ngokuthi uyamehlula umsebenzi wakhe.
Uze wachaza nokuthi iSwallows ibhekana nezinkinga nje, kungenxa yakhe uKapowezha obeyifaka ezikweletini.
Nokho u-Elasto Kapowezha uthi izinsolo zikaKomphela ziqhelelene kakhulu neqiniso.
“Sengihlale ekilabhini (isikhathi eside), yisizini yami yesihlanu lena,” kusho uKapowezha.
“Ngakho uma ngibheka isipiliyoni umuntu asithole eminyakeni edlule, ngeke kwenzeke ngale ndlela asho ngayo umqeqeshi uSteve.
“Izinto ezifana nokuthi ngingathatha ukudla okumele kutholwe abadlali ngaphambi kokujima ngihambe nakho, hhayi – amanga nje lawo.
“Ngeke nangayiphi indlela umuntu oqeqeshekile ofana no-Elasto Kapowezha enze izinto ezinjalo.
“Ayikho nje indaba yokuthi kuba nokudla ejimini, musani ukudlala ngathi.”
UKapowezha uqhube wathi bebevele benokusola ukuthi uKomphela uzodonsa kanzima ngandlela thize eqenjini elifana neSwallows uma ubheka lapho ephuma khona (kwiMamelodi Sundowns).
“Ngesikhathi umqeqeshi uSteve efika eqenjini, besimazi ukuthi uqhamuka kuphi futhi nokujwayela isimo seSwallows bekungeke kube lula kuyena.
“Ngisebenze nedlanzana labaqeqeshi o-Ernst Middendorp, uDylan Kerr, noBrandon Truter.
“Umqeqeshi uSteve ungumqeqeshi othanda izinto ezithile ngoba angikaze ngibe nezikhalo ezinjalo kwabanye abaqeqeshi.
“Enye ingxenye yomsebenzi wami ukulungiselela iqembu izinto uma lizoba nohambo.
“Kodwa njengoba kusuke kuxhunyanwa nabanye abantu, kuba khona amahixihixi.
“Uma kukhona lapho kwenzeke khona kanjalo, kube nanokwengeza ihaba ohlangothini kulaSteve.
FUNDA NALA: Sekusele kubaphathi boSuthu ngoMakhubela, uMartin uyamfuna
“Ukuthi iqembu lake lacishe lahlaziyela amavidiyo ezimbangi ejimini, yinto eqhelelene neqiniso leyo.”

