EzakamuvaIbhola

IChelsea ibukeka izigxobe umphambili ngokuchitha uPochettino 

Kusobala ukuthi iChelsea FC, yase-England, izohlale yakha kabusha nje wonke amasizini e-English Premier League (EPL).

Leli qembu, elidlalela eStamford Bridge, limangazile ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi umqeqeshi uMauricio Pochettino, uselishiyile ngokuvumelana neqembu ukuthi kuhlukanwe kahle.

Lokhu kumangazile kakhulu uma kubhekwa ukuthi kusongwe isizini iqembu seliqala ukuhlangana, nokufakazelwa ukuthi liqede endaweni yesithupha kwilogi ye-EPL.

IChelsea ayibanga nesizini enhle uma kubhekwa abadlali ebasayinisile ekuqaleni kwesizini, kodwa kusongwe isizini sekubonakala ukuthi iqembu libheke kuphi.

Linqobe imidlalo emihlanu yokugcina nokuqinisekise ukuthi lizoyibamba emiqhudelwaneni yase-Europe ngesizini ezayo.

I-Blues ibukeka izoqala phansi kakhulu ngoba isiqongqwane sasemuva, uThiago Silva, siyalishiya iqembu. Kuvela ukuthi uChalobah noGallagher, obengukaputeni engekho uRheece James, bangase badayiswe.

UCole Palmer ubonge uPochettino ngokumnika ithuba ngesizini esanda kugoqwa.

“Ngiyabonga ngokungenzela konke nokwenza amaphupho ami afezeke. Ngikufisela konke okuhle,” kusho lo mdlali.

UPalmer ube nesizini enhle ngaphansi kukaPochettino, washaya amagoli angu-22 emidlalweni yeligi.

Omunye umdlali obengaconsi phansi kulo mqeqeshi, yize ebebuye agxekwe ngokugeja, uNicole Jackson. Kuthiwa uJackson, oshaye amagoli angu-15, akeneme neze ngokuhamba kukaPochettino.

Lo mqeqeshi ufike kwiChelsea ngoJulayi 1, wasayina inkontileka yeminyaka emibili ebinombandela wokuthi angayivuselela ngonyaka.

UPochettino uvalelisile kubalandeli beChelsea naseqenjini lonke.

“Kwibhodi ngithanda ukudlulisa ukubonga ngethuba lokuhola iqembu elikhulu kangaka,” kusho lo mqeqeshi.

“Bekuyinto enkulu ukusebenzisana nani, futhi ngiyabonga kakhulu ngokungethemba.

“Njengoba isikhathi sami kwiChelsea FC, sesifike emaphethelweni, ngifisela iqembu, abadlali nabalandeli okuhle kodwa ngesizini ka-2024/2025.

“Sengathi ingaletha injabulo, yimpumelelo nezinto ezinhle eziningi.”

Kubaqeqeshi abamataniswa neChelsea kukhona uKieran McKenna, u-Enzo Maresca, uThomas Frank noVincent Kompany, osanda kudliwa yizembe neBurnley.