EzakamuvaIbhola

IGalaxy ibopha uMokwena ngolokuyihlambalaza

I-TS Galaxy seyifake amaphepha eNkantolo ePhakeme yaseGoli la ibopha khona umqeqeshi weMamelodi Sundowns ngokuyehlisa isithunzi.

Lokhu kusukela emazwini ashiwo uRulani Mokwena emasontweni ambalwa edlule ngemuva komdlalo walamaqembu owaphela sekukubi. 

Lo mdlalo wawuseLoftus Stadium ePitoli ngo-Ephreli 29 kanti waphela uBongani Zungu esekhishwe ngohlaka ngoba elimele. 

Ngemuva komdlalo uMokwena wenza izinsolo ezibucayi zokuthi uSead Ramovic nguye owasasazela uZungu ngabadlali bakhe. 

Wathi uzwile ukuthi ubakhombise ividiyo la uZungu alimaza khona uBernard Parker, wathi akobe bayakukhumbula okwenzeka. 

IGalaxy yambhalela incwadi uMokwena neSundowns icela ukuba ahoxise amagama akhe bese exolisa.

Yaze yathi nomdlali owalimaza uZungu, u-Orebotse Mongae usethola izingcingo ezivela kubantu abamsabisayo. 

Nokho iSundonws noMokwena bayishaya indiva le ncwadi, osekwenze i-TS Galaxy yabona kungcono iyoyixazulula enkantolo yomthetho le ndaba.