UDu Preez ‘waphoxeka’ kodwa ujabule ngamagoli edabhi
Umgadli weKaizer Chiefs, u-Ashley Du Preez, ukujabulele ukushaya amagoli ngesikhathi bebhekene ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo, futhi kusobala udumalile ngokuthi bagcine behluliwe.
U-Ashley Du Preez ushaye amagoli amabili, okwenze waba namathathu kule sizini kwiDStv Premiership.
Nokho lamagoli akhe awazange enze umehluko otheni njengoba Amakhosi egcine ehlulwe ngo 3-2 kulo mdlalo obuseFNB Stadium ngempelasonto.
FUNDA NALA: UBroos uveza okwenza angamzwisisi uKhanyisa Mayo
UDu Preez walimala ngo-Okthoba, kanti uze wabuya ekudlaleni ngesikhathi iChiefs idlala umdlalo wokugcina ngonyaka odlule.
Ngesikhathi bebhekene neMilford FC kwiNedbank Cup neMoroka Swallows koweligi uDu Preez ugeje amathuba alula.
Lokhu kwenze asale ngaphandl eqenjini eliqale ngesikhathi iChiefs ihlula iGolden Arrows ngo 1-0 ngaphambi kwedabhi.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubuyile bebhekene nePirates, futhi wabuyelwa nayifomu njengoba egcine eshaya amagoli amabili esiwombeni sokuqala.
“Bengikaze ngishaye igoli selokhu ngabuya ekulimaleni,” kusho uDu Preez kwi-website yeKaizer Chiefs
“Ngakho-ke, kumnandi kakhulu ukuba yingxenye yomlando walo mdlalo omkhulu nokushaya igoli kuwo.
“Wonke umdlali waseNingizimu Afrika angathanda ukudlala kwiSoweto Derby, futhi ukushaya igoli kwenza ube ngokhethekile kakhulu.
“Ngiyajabula ngokuthi ngikwazile ukufaka isandla, nakuba umphumela kungabanga ngobesiwufisa.
“Sikubheke ngabomvu ukubuyela emsebenzini ukuze thina njengeKaizer Chiefs, siqede ngamandla ekupheleni kwesizini.”
IChiefs ayikho kwiNedbank Cup njengoba yawashiswa ijezi kabuhlungu yiMilford emzuliswaneni wokuqala.
Lokhu kusho ukuthi izoba nekhefu elide njengoba ngemuva kwemidlalo yangempelasonto kuzoyiwa ekhefini leFifa.
Uma kubuywa lapho, iChiefs iyobhekana neCape Town City emdlalweni weDStv Premiership ngoMashi 30.

