Igadlane enkundleni nangaphandle koweGalaxy neDowns
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, uthi bona abadingi izigidi ukuze banqobe kodwa basebenza kanzima.
Usho kanje ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambane neMamelodi Sundowns ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, eMbombela Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Empeleni Abafana Ba’Style baphunyuke kancane ekutheni ‘baqedwe ubuntombi’ kulo mdlalo, njengoba iRockets ishaye igoli kuqala, ngasekupheleni komdlalo.
Ngaphandle kwalokho iRockets iyona ethole amathuba amaningi okushaya amagoli, futhi udonga lweSundowns belubukeka lubuthaka uma kuhlasela ezikaRamovic.
“Lokhu kuyizinkomba zokuthi awunqobi ngokuba nabadlali ababiza izigidi kodwa unqoba ngokuzimisela okuyizigidi,” kusho uRamovic ngemuva komdlalo.
“Awudingi ukusebenzisa u-R200 million ukuze unqobe imidlalo. Sibe namathuba angachazeki kulo mdlalo.
“Konke ukubonga kumele kuyena kubasebenzi nabalandeli abayisimanga. Sifuna ukuba yiqembu elihle futhi siyathuthuka wonke amasizini.
“Lokhu wumphumela wokusebenza kanzima… mhlawumbe uSunshine kumele akwazi lokho. Mhlawumbe kumele bazikhombise ngokulanda abanye abadlali abaphezulu abafana noCristiano Ronaldo noMessi.”
Kuvele ukuthi uRamovic noRulani Mokwena baphinde bathuthana ngemuva kwalo mdlalo, nokuyinto esijwayelekile.
I-TS Galaxy ibilokhu ikhombisa ukuba yingozi uma iya phambili, kusize unozinti uRonwen Williams.
Nangesesibili isiwombe bekuyinto efanayo kodwa sekugqame nokushumpuza kubadlali beRockets uma sebebhekene namapali.
UPuso Dithejane ugcine elitholile igoli leRockets ngomzuzu ka-78. Leli goli lenze uRamovic wandiza eyojabula nabalandeli bakhe.
Ngomzuzu ka-85 iSundowns ibuyile yathola igoli lokulinganisa, nelingqofelwe phakathi uPeter Shalulile, obecwilile umdlalo wonke.
Lokhu bese kuphoqa ukuthi umdlalo iphinde iwuvule iRockets ukuze ithole igoli lokunqoba umdlalo.
Nokho kugcine ngokuthi kuphele zibambene kanjalo, nobekungokokuqala kula maqembu emidlalweni yeligi.
Ukudlala ngokulingana kweSundowns kusho ukugcina irekhodi lokungashaywa emidlalweni yeligi kule sizini. Leli qembu selihlanganise amaphuzu angu-73 kanti kusasele umdlalo owodwa kusongwe isizini.
FUNDA NALA: Ngabe iTS Galaxy ingaqeda ‘ngobuntombi’ beSundowns?
Emdlalweni wokuvala isizini, lapho iSundowns izoqukula khona indebe ngokusemthethweni, izobhekana neCape Town Spurs, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.