IChiefs izoshaya ngo-cheese owuChislett obezinze e-England
SIHLE NGUBO
Umfana waseNingizimu Afrika obesezinze kakhulu emaqenjini aphesheya, ukhethe ukukhumbula ekhaya ngokusayina kwiKaizer Chiefs azogijima kuyona ngesizini ezayo.
Ngokubika kweFarPost, u-Ethan Chislett, ushwebise amaqembu amaningi abemgaqele phesheya, wakhetha ukusayina inkontileka yeminyaka emibili neqembu laseNaturena.
UChislett uzalelwe eNingizimu Afrika kodwa waya e-England eseneminyaka emine.
Ukhulele enkulisa yeSouthampton lapho kubonakale khona ikhono lakhe likanobhutshuzwayo.
Ngesizini edlule lo mdlali ubegijima kwiPort Vale FC edlala kwi-English Premier League Two.
Lo mdlali usize iqembu lakhe ukuthi linyukele kwiLeague One kodwa wangabe esafuna ukusayina inkontileka entsha naleli qembu.
Kuvela ukuthi phakathi kwamaqembu abemfuna kukhona iMotherwell edlala kwiScottish Premiership, neWigan egijima kwi-EFL.
UChislett, oneminyaka engu-26, unawo amava njengoba eke wadlala kwiReus FCR edlala esigabeni sesine eSpain, ne-AFC Wimbledon, yaseLondon, ngo-2020.
KwiChiefs uzoncintisana nabadlali abafana noGaston Sirino noMduzuzi Shabalala.
Amakhosi azama ukuqinisa iqembu futhi kuyavela ukuthi abheke abadlali bakuleli abagijima phesheya.
Omunye umdlali okuthiwa isimo sakhe sibhekwe ngabomvu yiChiefs uLebo Phiri ogijima eFrance.
IChiefs izobhekisa amabombo eNetherlands ngoJulayi 3 ukuyolungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.
Izobhekana neFC Utrecht neNEC Nijmegen, okungamaqembu adlala kwi-Eredivisie, ngoJulayi 11 no-12.
Abanye abadlali okuvela ukuthi sebesayinile kwiChiefs uThabiso Monyane noPaseka Mako, abadedelwe yi-Orlando, u-Asanele Velebayi obekwiCape Town Spurs no-Etiosa Ighodaro obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu FC.

