Lixoshe isikhulu ele-PSL, sisolwa ngomkhonyovu
ALFRED NGUBANE
IRichard Bay FC isikhombe indlela uJames “Matatezela” Dlamini obeyimenenja jikelele kanti ulandelwe yizinsolo zokungaphathi kahle.
Kuvela ukuthi kukhona abaphathi abathole ukuthi akahambisanga ngendlela kukho njengoba bekukhala isicacthulo sakhe.
UDlamini ubephethe iqembu ngesikhathi usihlalo uSifiso Biyela ubezama ukwelulama njengoba eke akangaphatheka kahle empilweni.
Ngokuthola kweMpempe ngomthombo osondelene nabasebenza kuleli qembu, kukhona omkhonyovu owenzekile.
“Angazi kahle hle ngemininingwane kodwa khona sengathi kuthinteka ukuxabana nomphathi wenkampani exhasa ngejezi.
“Sengathi kukhona ukuxhophana okube khona lapho, kwaze kwagcina sekukubi impela ngendlela yokuthi bekungasasebenzeki kahle,” kusho lo mthombo.
Nokungakhokhlewa koMsinga United imali okwakuvunyelwene ngayo ngesikhathi kudayiselwana abadlali ekuqaleni kwesizini kuvela ukuthi kube nomthelela.
Usihlalo weMsinga United, uWelcome Mpanza uke wabikela Impempe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ukuthi usecabanga nezinyathelo zomthetho.
Lokhu kwakungenxa yokuzibona esebhayiziseka ngokuthi angakhokhelwa kulandela ukubanika abadlali bakhe abaththu abamqoka eqenjini lakhe.
FUNDA NALA: Elinye ifu elimnyama eKZN kushona umdlali webhola
Imizamo yokuthola uDlamini ayiphumelelanga njengoba engaluphendulanga ucingo kanti nabakhulumela iRichards Bay abatholakalanga.

