EzakamuvaIbhola

Angase asheshe awuthole omunye umsebenzi ogajwe yiPirates

Njabulo Shezi

UNdumiso Mabena, osanda kuhlukana ne-Orlando Pirates, angase azithole eseneqembu elisha ngaphambi kokuqala kwe-DStv Premiership ka-2023/24. 

Lo mgadli onamava kuthiwa uhehe iPolokwane City esanda kukhuphukela kwiPremiership. 

Leli qembu laseLimpopo likholwa wukuthi uNdumiso Mabena angaba wusizo olukhulu kulo ngenxa yesipiliyoni sakhe.

“Uza nesipiliyoni esikhulu, futhi eqenjini elisanda kubuyela esigabeni esiphezulu, kubalulekile ukuthi kube nomdlali ofana naye.

“Uzoletha isipiliyoni esidingeka kakhulu eqenjini ngoba kunenqwaba yabadlali abancane esikwatini. Bayazi ukuthi akadlalanga kakhulu kwiPirates, kodwa okubalulekile wukuthi usengadlala,” kusho umthombo. 

ICity iwine iMotsepe Foundation Championship nesizini edlule ibophele abadlali abasebancane, beshokwe ngoMpho Makola, Lucky Baloyi noPuleng Morema.

UNdumiso Mabena ube nesikhathi esincane sokudlala kwi-Orlando Pirates kusukela efike kuyo ngoJanuwari. Lo mgadli usayiniswe ngemuva kokunqamula inkontileka yakhe neRoyal Eagles.

Udlale imidlalo embalwa nje kumaBhakabhaka, kodwa akakwazanga ukwenza umqeqeshi uJose Riveiro alwele ukumgcina. 

Lo mqeqeshi waseSpain ubesebenzisa kakhulu oKermit Erasmus, Terrence Dzvukamanja noKabelo Dlamini. 

FUNDA NALA: Uthembisa ukusiza ekuvuseni iChiefs uGiven Msimango

Kulindeleke ukuthi iCity uthathe isinqumo ngokuthi iyamsayina yini maduze nje ukuze abe eqala ukuzilungiselela kanye nozakwabo.