EzakamuvaIbhola

Petersen: Abasekho abadlali abaheha abalandeli ebholeni lakuleli

Alfred Ngubane

Inkakha yebhola lakuleli, uCalvin “Mkhonto” Petersen uthi amaqembu adlala kwiDStv Premiership kumele azinuke wona amakhwapha ngokugqoza kwabalandeli ezinkundleni. 

Amaqembu amaningi akuleli abehluleka wukuheha abalandeli abaningi ngesizini edlule ngoba ngisho nezinkunzi iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bekungagculisi uma zidlala ekhaya eGoli. 

UCalvin Petersen uthi lokhu kuwumthelela wokuthi amaqembu asesayina abadlali abangekho ezingeni elifanele nabangakwazi ukujabulisa abalandeli. 

“La maqembu alanda abadlali abangakwazi ukushaya ibhola. Uyabona mina ngigcine ukubona abadlali ngalaba abazalwe ngama-80s,” kusho uCalvin Petersen. 

“Lapha ngikhuluma ngabafana abanjengoSteve Lekoelea, Jabu Pule-Mahlangu, Asanda “Scara” Ngobese, Masibulele Zongo… 

“Abadlali abahlakaniphile abazokunika umqondo wamagoli nokuvikela nokuhlasela  abafana noBenedict  Vilakazi, Thabo Mooki, Thabang Lebese, Dumisa Ngobe,  John  Moeti, Helman Mkhelele… 

“Manje uzothola abadlali abangabahehi abalandeli,” kuchaza le nkakha eyaduma kwiMoroka Swallows ngokubhakuzisa inethi. 

Uthi manje noma bekhona abadlali abambalwa abanekhono elithandwa ngabalandeli, abagqugquzelwa ukuthi bazibonakalise. 

“Njengamnje kwi-Orlando Pirates inaye umdlali oyedwa okwaziyo ukudoba abalandeli, uMonapule Saleng. Kodwa kudingeka nabanye abazomlekelela. 

“KwiKaizer Chiefs uMdu uTshabalala usazama, abekho abanye abamlekelelayo. IMamelodi Sundowns inoThemba Zwane, Neo Maema noPeter Shalulile abasathandwa ngabalandeli.” 

UCalvin Petersen uthi akazi engathi uyobuka bani uma eyobuka ezakhe zakudala iSwallows ngoba kuyamfimfa nje. 

FUNDA NALA: Isengozini yesigwebo esibucayi seFifa iRoyal AM

“Kumanje uma ngathi ngiyobuka iSwallows FC ngingathi ngiyobuka muphi umdlali? Uma ngiyobuka AmaZulu, ngingathi ngiyobuka muphi umdlali ngoba abekho.

“Kumele abaphathi bamaqembu bake bahlale phansi babone yini abangayenza ukuthi basibuyisele abalandeli ezinkundleni.”