Ukungezwani kwiDowns kungase kwenze uRulani Mokwena ayishiye
Ukungaboni ngaso linye phakathi komqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, neSporting Director yeqembu uFlemming Berg, kungase kwenze lo mqeqeshi ashiye eChloorkop.
Ngokubika kweSABC Sport laba bobabili abatholani ikakhulukazi selokhu uMokwena anikwa isikhundla sokuba umqeqeshi ngokuzimela. UBerg ufike ngo-2022 kanti ngaleso sikhathi uMokwena ubengumqeqeshi ngokubambisana noManqoba Mngqithi.
Isikhundla esiphethwe uBerg sikhulu ethimbeni labaqeqeshi beSundowns. Kuvela ukuthi njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali ukungezwani kulaba bobabili kungase kubhebhetheke kuye phambili.
UMokwena unqobe isicoco sePremiership neSundowns ngesizini edlule. Ngaphezu kwalokho unqobe i-African Football League ebidlalwa okokuqala ezwenikazi i-Afrika.
Lo mqeqeshi uthole umklomelo iDStv Premiership Coach of the Season ngesikhathi kunomcinbi wePremier Soccer League (PSL). Akekho onemibuzo ngalokho ngoba iSundowns yenze kahle kakhulu emidlalweni yeligi ngesizini edlule.
Leli qembu lisanda kuhlukana nabadlali abane, uBongani Zungu, uBrian Onyango, uGaston Sirino noThabiso Kutumela. Kuvela ukuthi uJunior Mendieta angase angabuyeli eqenjini ngoba emsakazweni wangakubo uveze ukuthi uyodlala eGreece.
Konke lokhu kuchaza ukuthi nakanjani iqembu kumele kube khona abadlali abasayiniswayo ingakaqali isizini ka-2023/2025. Iqembu lizoya eTurkey ukuyolungiselela isizini entsha ezinsukwini ezizayo. Ngabe konke lokhu sekusho ukuqala kokubheda kwezinto kwiDowns?