USterling noChilwell abanandawo kwiChelsea
Kubukeka sengathi abadlali ababili beChelsea FC, uRaheem Sterling noBen Chilwell, ngeke bazibone begqoke ijezi laleli qembu laseStamford Bridge kule sizini ye-English Premier League (EPL) esanda kuqala.
Laba badlali kuvela ukuthi akabezwa kahle umqeqeshi u-Enzo Maresca, okuyisizini yakhe yokuqala neqembu laseLondon. IChelsea isanda kusayinisa inqwaba yabadlali njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali.
Nokho kuyacaca uSterling noChilwell ngeke badlale ngaphansi kukaMaresca futhi naye lo mqeqeshi akakufihli lokhu.
“URaheem noBen (Chilwell) baziqeqesha bodwa hhayi neqembu elikhulu. Ngiyazama ukukhuluma iqiniso kubona,” kusho uMaresca.
“Ngimtshelile uRaheem ukuthi uzokuthola kunzima ukuba nemizuzu (yokudlala) lapha nathi. UChilly naye uzoba nenkinga efanayo.
“Akukona ukuthi uRaheem akayena umdlali omuhle, cha akunjalo nakancane. Kodwa ukuthi ngincamela abadlali basophondweni abehlulekile. Yilokho nje.”
Laba badlali bebengabonwa nasebhentshini ngesikhathi iChelsea ishaywa ompetha beligi, iManchester City, ngo 2-0 emdlalweni wokuvula we-EPL ngeSonto. Emdlalweni olandelayo weligi iChelsea izobhekana neWolves ekuhambeni ngempelasonto.