EzakamuvaIBetway Premiership

Amakhosi azotasinga amaqembu ngoMtasingwa ngesizini ezoqala

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs seyiqinisekise ukuthi isayinise umdlali wasesiswini, u-Adolf Mtasingwa Bitegeko, waseTanzania, obedlalela i-Azam FC.

Lokhu kulandela izingxoxo ezibe yimpumelelo phakathi kwala maqembu womabili.

UMtasingwa, oneminyaka engu-27, ungumdlali odlala esiswini kodwa ovala kwasani (defensive midfielder).

Ubengukaputeni kwi-Azam kanti ungumdlali wokuqala ukujoyina Amakhosi esuka eTanzania.

Lo mdlali uzofika namava amakhulu njengoba kumasizini ayisithupha edlule ebeseScandinavia, edlala kwiligi uase-Iceland, eyaseNorway neyaseFinnland.

Ubuyele ekhaya ngo-2024, wasiza i-Azam FC ukuthi iqede endaweni yesithathu kwiligi yaseTanzania ngesizini edlule.

Eqenjini lesizwe laseTanzani uMtasingwa uyiphini likakaputeni.

Njengoba kungacaci ukuthi uThabo Cele uyahlala noma uyahamba kwiChiefs, uMtasingwa ubukeka engasivala isikhala sale, uma kubhekwa lapho eseke wadlala khona.

Omunye umdlali okulindeleke ukuthi ashiye Amakhosi, uGlody Lilepo, osekucisho kucace ukuthi ubegcina ukugqoka imibala yeChiefs ngesizini edlule.

Ezakamuva zithi uLilepo useqede konke ne-Al Ahly Benghazi, yaseLibya, sekushoda ukuthi iChiefs imemezele ukushiya kwakhe.

UCele noLilepo abahambanga neChiefs ngesikhathi iyolungiselela isizini entsha yeBetway Premiership, eSpain.

Okunye okumenyezelwe yiChiefs ukuthi unozinti wayo, uFiacre Ntwari, uzobolekiswa kwiKruger United, esanda kunyukela kwiBetway Premiership, ngesizini ezayo ukuze athole ithuba lokudlala.

Amakhosi asanda kusayinisa uRenaldo Learner, obekwiSekhukhune United, kanti uBruce Bvuma uyiviselele ngonyaka inkontileka yakhe.

Ngaphandle kwalokho iChiefs isayinise uThabo Moloisiane obedlalela iStellenbosch FC.

IChiefs izovula imidlalo yeligi ngokubhekana neKruger United ngo-Agasti 1.

Nokho ngaphambi kokuthi kuqale isizini iChiefs izobhekana neScotland FC, yaseZimbabwe, kwiToyota Cup, ngeSonto.