‘Siyilungele isizini entsha,’ kusho ukaputeni weChiefs
SIHLE NGUBO
Ukaputeni weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, uthi bakulungele ngakho konke ukuqala isizini entsha njengoba bebeyoyilungiselela eSpain.
Usho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba belungiselelwa iToyota Cup abazoyidlala neScotland FC, yaseZimbabwe, eRoyal Palace Sports Ground, eRustenburg, ngeSonto ngo-3 ntambama.
IChiefs isanda kubuya eSpain lapho ibidlala khona imidlalo yokulungiselela isizini entsha yeBetway Premiership ka-2026/2027.
UPetersen ubona benze kahle futhi bekulungele ukubhekana nenselelo entsha kwisizini entsha.
IChiefs iqede isizini edlule endaweni yesithathu kwiligi, nokuyenze yazibekisela indawo kwiTop 8 neCAF Confederation Cup.
Kumasizini ababili edlule Amakhosi ehlulekile ukuzibekisela indawo kwiMTN8.
“Sibuya ekungiseleni isizini entsha, sijabulile. Nakanjani sibheke isizini entsha,” kusho uPetersen.
“Ukulungiselela sizini entsha bekukuhle. Sibe nesikhathi esimnandi eSpain.
“Manje sesibuyile siseNingizimu Afrika, silungiselela iToyota Cup. Amajita asesimeni esikahle futhi azimisele ngokudlala.”
IChiefs inomqeqeshi omusha uFernando Da Cruz, okumele akhombise abalandeli ukuthi yini ayiphethe kule sizini.
“Ngicabanga ukuthi abadlali benza kahle. Umqeqeshi uFernando akamusha eqenjini, useke waba nathi isikhashana esifushane,” kuqhuba uPetersen.
“Abadlali abasha abafikile, ngesonto lokuqala bazizwe besekhaya. Yilokho okumele sikwenze kubadlali abafikayo, ukuthi bazizwe besekhaya.”
Bathathu abadlali abasasayiniswe yiChiefs ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha.
UThabo Moloisiane, osuka kwiStellenbosch FC, uRenaldo Learner, obekwiSekhukhune United, no-Adolf Mtasingwa, osuka kwi-Azam FC yaseTanzania.
UPetersen uphethe ngokuthi: “Abadlali abasha benza kahle, futhi bayazama ukutholana nabaqeqeshi. Siyilungele isizini entsha.”
IChiefs izovula imidlalo yeBetway Premiership ngokubhekana neKruger United, ngo-Agasti 1.

