IChippa iphuce iDurban City iqatha emlonyeni ngowePirates
SIHLE NGUBO
IChippa United ‘seyiphuce” iDurban City umdlali ebimboleka kwi-Orlando Pirates, uGoodman Mosele, obesevele eseqenjini laseThekwini.
UMosele ubezobolekiswa kwiCity ngesizini ezoqala yeBetway Premiership ka-2026/2027.
Nokho iChillies Boys itshele iPirates ukuthi umdlali ifuna ukumthenga abe ngowayo ngokugcwele.
Lo mdlali wasesiswini, oneminyaka engu-26, ubesemabhukwi eBucs kodwa udlale imidlalo eminingi ebolekiswa kwiChippa, amasizini ehlukene.
UMoselele udlale imidlalo engu-53 egqoke imibala yeZimnyama, kanti usedlale engu-55 kwiChilli Boys.
Kuvela ukuthi lo mdlali ujoyine iChippa ekhempini eyibambe eGauteng, ngoLwesibili ebusuku.
Lo mdlali, owazibonakalisa kwiBaroka FC, akungabazeki ukuthi uzoqinisa ezikaBrandon Truter njengoba kuzoqala isizini entsha.
UTruter uthathe izintambo sekuzophela isizini, kulandela ukuxoshwa kukaVusumuzi “Kanu” Vilakazi, obeqeqesha leli qembu elizinze eGqeberha.
Ngaphambi kwalokho iChilli Boys ibisixoshe uSimethemba Badela, uLuc Eymael, uMusa Nyatama noMorgan Mammila.
IChippa iyaziwa ngokuthi ibaxosha ngokushesha abaqeqeshi uma imiphumela ingacaci, ayililindi ibhadi.
Emdlalweni wokuvula isizini iChilli Boys izovakashela iLamontville Golden Arrows, koweBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-Agasti 1.

