Ezakamuvai-Currie Cup

ISharks izozama ukugcina umgqigqo weCurrie Cup seyibhekene neCheetahs

SIHLE NGUBO

I-Hollywoodbets Shark XV izophinde idlale ekuhambeni emdlalweni weCarling Currie Cup, njengoba izotholana phezulu neToyota Cheetahs, eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoLwesihlanu ngo-5 ntambama.

Womabili la maqembu aphezulu kwilogi kulandela ukunqoba imidlalo yawo yokuvula yalo mqhudelwano.

 

ISharks XV ishaye i-Airlink Pumas ngo 26-24 ekuhambeni ngoLwesihlanu olwedlule, kwathi iCheetahs yadlula ngo 29-27 kwiFidelity ADT Lions ngeSonto.

“Sijabule kakhulu ukunqoba sibhekene nePumas. Indlela esidlale ngayo ibiyinhle futhi ukuqala umqhudelwano ngomphumela onjena kuzolisiza kakhulu iqembu ukuya phambili,” kusho umqeqeshi weSharks XV, uMike Vowles.

Lo mqeqeshi akalishintshanga iqembu elizobhekana neCheetahs, ngaphandle koshintsho oluyimpoqo lapho uDanilo Botha ezongena endaweni kaJannes Potgieter, olimale edolweni emdlalweni odlule.

“Asenzanga izinguquko eziningi. Sibona ukuthi uma iqembu lilokhu lidlala ndawonye, yilapho lizoya ngokuya liba ncono,” kuqhuba uVowles.

“Sifake uDanilo ofike kithina evela kwiDHL Stormers. Udlale ibhola lombhoxo emazingeni aphansi khona laphaya futhi simbona njengomdlali othembisa kakhulu.

“Uyangena endodeni futhi uma eke wangena kahle esitayeleni sethu ngicabanga ukuthi uzoba umdlali wethu omuhle kakhulu.”

UVowles neqembu kumele bazame ukulokhu beba ncono njengoba umqhudelwano uqhubeka.

“Sibheke umdlalo weCheetahs njengelinye ithuba lokwakha umgqigqo, sithole ukubambisana njengeqembu, siphinde sizikale sibhekene neqembu elihle.

“Bayiqembu elihlangene eselidlale isikhathi eside ndawonye. Banabadlali abanamava futhi silindele impi kubona.”

I-Hollywoodbets Sharks ibophele kanje:

1. Cameron Dawson

2. Kerron van Vuuren

3. Simphiwe Ngobese

4. Johan Momsen

5. Deon Slabbert

6. Willem van den Hever

7. Danilo Botha

8. Thomas Dyer (C)

9. Ross Braude

10. Tim Swiel

11. Lyle Matthews

12. Janco Purchase

13. Marnus Potgieter

14. Christie Grobbelaar

15. Chijindu Okonta

Ebhentshini:

16. Bryce Calvert

17. Jaco du Toit

18. Lee-Marvin Mazibuko

19. Sipho Nonyalela

20. Hanu Pieterse

21. Ceano Everson

22. Chris Horak

23. Matthew Fortuin