EzakamuvaIbholaUncategorized

‘IChiefs noma iPirates kumele banqobe eseligi,’ kusho uComitis

Usihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, useveze ukuthi izinto azihambi kahle ebholeni laseNingizimu Afrika uma i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs bengenzi kahle.

UComitis ukusho wangakufihla ukuthi uma zingawini izinkunzi zaseSoweto konke kuthanda ukushona phansi ngokwebhizinisi. Ukhuluma kanjena nje kumasizini ayisikhombisa edlule iMamelodi Sundowns iyona enqobe isicoco seligi kulandelana.

Lokhu kugiya kweSundowns kuyinto engehli kahle kubalandeli bePirates neChiefs njengoba la maqembu aseSoweto eseyizwa ngendaba eyokuqukula isicoco. IChiefs kwale kancane ukuthi isinqobe isicoco seligi ngo-2021 kodwa yaqhuzuka emidlalweni yokugcina sagcina sihambe naBafana Ba’Style.

“Kubalulekile ukuthi iKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates banqobe isicoco seligi maduze ngoba lokho kuhle uma kukhulunywa ngebhizinisi,” kusho uComitis.

“Kimina ngiyazi ukuthi ngikhuluma ngiziphikisa mina uqobo kodwa uma iChiefs nePirates bengekho le phezulu, thina (iCity) kuyezwela ukuba phansi njengeqembu elingeyona iChiefs noma iPirates.

“Uma iChiefs nePirates bewina izinkundla ziyagcwala nokuchaza ukuthi konke kusuke kuhamba kahle.”

Nakanjani le nkulumo izomqhatha uComitis ngoba kukhona abazobona ukuthi ulwa nokukhonya kweSundowns. Nokho sekuhlaluke kaningi ukuthi iChiefs nePirates yiwona maqembu aphethe ukhiye uma kukhulunywa ngokuya ezinkundleni kwabalandeli bayokweseka unobhutshuzwayo.