Eminye imidlaloEzakamuva

Unqobe iDundee July esexhugela uMabaso

SIHLE NGUBO

Unqobe umjaho omkhulu eselimele umgibeli wehhashi uMpendulo kwiDundee July ka-2026 ngempelasonto, eDundee.

USiyabonga Mabaso, ongumgibeli wehhashi lase-Utrecht, uMpendulo, okuyilona elidle ubhedu emjahweni iDundee July Traditional Horse Race, eDundee, ngoMgqibelo, uqophe umlando kulo mjaho.

Kuze kwaba kahlanu ezimbandakanya emijahweni ehlukene futhi enze kahle.

“Ngithole onombolo 1 abathathu, unombolo 2 oyedwa bese kuba unombolo 5,” kusho uMabaso ngemuva komjaho omkhulu.

“Ngaphambi kwalo mjaho kuke kwaba nzinyana ngoba kukhona ihhashi likazakwethu elingikhabe emlenzeni.

“Nokho isosha lifela emsebenzini walo, ngakho ngiye ngaqhubeka, ngathola nesibusiso sokunqoba.”

Ngokudla umhlanganiso uMabaso noMpendulo bakhale bemuka no-R600 000, okuchaza ukuthi uMabaso uzohlafuna kahle.

Uthe lokhu kuzoyishintsha kakhulu impilo yakhe njengomgibeli wamahhashi.

“Impilo yethu emahhashini iya ngokushintsha kancane, kancane,” kuqhuba uMabaso.

“Uyabona ukuthi kukude lapho siya khona. Siyacela ukuthi nabaqhelile, ababonayo ukuthi bangasifaka isandla, basondele.

“Ithuba lemisebenzi alisekho kahle, sekuyinto esiphila ngayo lena, nathi sibeke isinkwa etafuleni.”

Uphethe ngokubonga uhulumeni (uMnyango weZemidlalo, uBuciko namaGugu KwaZulu-Natal) ngokulokhu uqhubeka nokuxhasa lo mjaho olokhu ukhula minyaka yonke.

Bese kungunyaka ka-21 kuba nalo mjaho osuheha ngisho abesifazane, ababa yingxenye yawo.

Ngaphandle kwalokho kuvela namathuba emisebenzi eDundee nasezindaweni eziyakhele, uma kunalo mjaho.