ISAFA iphawula ngemibiko yokwelula inkontileka kaHugo Broos
SIHLE NGUBO
I-South African Football Association (SAFA) seyiphawulile ngemibiko yakamuva yokuthi ingase yelule inkontileka kaHugo Broos ngonyaka owodwa.
Imibiko yakamuva beyithi lo mqeqeshi waseBelgium, oshiye iBafana Bafana ngemuva kweNdebe yoMhlaba, unxenxwa yiSafa ukuthi aqhubeke unyaka owodwa, ukuze ahole iqembu kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ka-2027.
Imidlalo yokuhlungela i-AFCON izoqala maduze, kanti njengamanje iSAFA izama ukuqedela indaba yokuthola umqeqeshi omusha.
Kuvela ukuthi uPitso Mosimane ungomunye wabafake izicelo zokucija iBafana Bafana, futhi maningi amathuba okuthi anikwe lesi sikhundla.
Nokho imibiko eqhamuke kuleli sonto ishiye abalandeli bebhola bengazi ukuthi yikona kuphi okumele bakukholwe.
“ISAFA ifisa ukucacisa ukuthi le mibiko (yokunweba inkontileka kaBroos ngonyaka) ingamanga, ayinasisekelo futhi iyadukisa,” kusho ingxenye yesitatimende seSafa.
“Ukucacisa nje, iSAFA ayikayikhiphi inkontileka kunoma yimuphi umqeqeshi mayelana nesikhundla sokuqeqesha iBafana Bafana.
“Umqeqeshi uHugo Broos unenkontileka neSAFA kuze kube sekupheleni kukaJulayi nonyaka (2026), ngokwesivumelwano esikhona manje.
“Ubuholi bukasoseshini bebungakaqedi ngethimba labaqeqeshi leBafana Bafana.
“Ngakho asikho isinqumo esesithathiwe, ayikho inkontileka esikhishiwe noma yavunywa yiNational Executive Committee (NEC).”
Le nhlangano yebhola yaseNingizimu Afrika, igxeke abezindaba ngokubika into engekho nokudukisa isizwe.
Ithe yona iyaqhubeka nohlelo lokubheka umqeqeshi omusha ozongena esikhundleni sikaBroos.
“ISAFA izinikele ekwenzeni izinto ngokungafihli futhi izosenza isimemezelo esisemthethweni ngabazoqeqesha iBafana Bafana, uma sekuqediwe konke okuqhubeka phakathi futhi izinqumo okuyizo sezithathiwe yinhlangano.”
Yize kukhona abebefuna aqhubeke neBafana Bafana uBroos kodwa lo mqeqeshi, oneminyaka engu-75, wakuveza kudala ukuthi uzothi khumu ngemuva kweNdebe yoMhlaba.

