CAF Champions League

Alilula iqoqo lePirates kwiChampions League

SIHLE NGUBO 

Alilula neze iqoqo okukulona i-Orlando Pirates njengoba bekuqhathwa amaqembu azobhekana kweyamaqoqo yeCaf Champions League.

Ompetha beMTN8 baqhathwe ne-Al Ahly yase-Egypt, yiStade D’Adjan yase-Ivory Coast, neCR Belouizdad yase-Algeria.

Alikho iqembu okufanele ilithathe kancane kulawa iPirates ikakhulukazi uma idlala nawo ekuhambeni.

EZimnyama zizovula ngokubhekana neCR Belouizdad ekuhambeni ngoNovemba 26, bese zilandelise ngokwamukela i-Al Ahly ngoDisemba 6.

Nakanjani iPirates akumele ilahle amaphuzu kuyona yomibili le midlalo ngoba lokho kungayicindeza kakhulu.

Ompetha beligi iMamelodi Sundowns baseqoqweni elingelibi kakhulu. Nokho kulo mqhudelwano sekuvele kaningi ukuthi alikho nelilodwa iqembu okumele uleye.

Abafana Ba’Style baqhathwe ne-AS Maniema Union, yaseCongo, i-AS FAR yaseMorocco neRaja Club Athletic nayo yaseMorocco.

Kuyazicacela ukuthi iSundowns izogqigqa kaningi eMorocco njengoba emabili amaqembu akhona eqoqweni layo.

EzikaManqoba Mngqithi zizovula ngokubhekana neManiema Union ekhaya ngoNovemba 26, bese zilandelise ngokuvakashela i-AS FAR ngoDisemba 6.