Kungenzeka usezigxobe umphambili uCardoso ngokweya uZwane
SIHLE NGUBO
Libukeka lisengcupheni ikusasa lomqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, kulandela ukuhluleka ukunqoba iCAF Champions League ka-2024/2025, yize enawo wonke amathuluzi awadingayo.
Abafana Ba’Style bahambe ekamabuyaze e-Egypt lapho beshaywe khona yiPyramids SC ngo 2-1 emlenzeni wesibili kowamanqamu weChampions League.
Iqembu laseGibhithe ligcine linqobe ngo 3-2 uma sekuhlanganiswa namagoli omlenze wokuqala owaphela ngo 1-1 eLoftus Stadium, ePitoli, ngeledlule.
Emdlalweni womlenze wokuqala iSundowns yenza iphutha lokudedela igoli ngomzuzu ka-90+4, kade seyihambe phambili isikhathi eside.
Abalandeli abaningi beSundowns basola umqeqeshi uCardoso ngokungamdlalisi uThemba Zwane okungumdlali angangatshazwa amava akhe ebholeni lase-Afrika.
Ngesikhathi ebuzwa ngokungamdlalisi uZwane emlenzeni wokuqala, uCardoso wazivikela.
“Kumele nginakekele uThemba njengabo bonke abadlali. Wonke umuntu ubefuna ukuba yingxenye yalo mdlalo nakanjani,” kusho uCardoso.
“Izinqumo esizenzile bekuwukuthi konke kuqonde eqenjini, sikholwa ukuthi kube eziqondile…
“…umzuzwana owodwa noma eyishumi emzuzwini wokugcina womdlalo, ushintshe indlela nonke enicabanga ngayo ngathi nezinqumo esizenzile.”
Emlenzeni wesibili eCairo uZwane uphinde wangawuqala umdlalo, kanti abalandeli bayakhala ngokungadlaliswa kwalo mdlali noPeter Shalulile, abakholwa ukuthi bangenza umehluko kakhulu uma beqala umdlalo.
Konke lokhu kungase kumdalele amazinyo abushelelezi uCardoso ngoba kuyaziwa ukuthi iSundowns ifuna ukunqoba iChampions League bese ishaye amaphiko e-Afrika.
Mayelana noZwane kulokhu uCardoso uthe: “Leli qoqo (labadlali) linamava kakhulu. Baningi abadlali abasezingeni eliphezulu futhi nakanjani uThemba ungomunye wabo.”
URulani Mokwena ukhonjwe indlela ekupheleni kwesizini edlule, kanti phakathi kwezizathu axoshelwe zona kube ukungayinqobi iChampions League yize esiwinile isicoco seligi.
UManqoba Mngqithi uchithwe yiSundowns esenza kahle emidlalweni yeligi, kwaqashwa uCardoso. Kukholakala ukuthi abaphathi beSundowns bathatha lesi sinqumo ngoba befuna ukukhonya e-Afrika.
ISundowns seyibheke ukuyodlala kwiClub World Cup eqala ngoJuni 15 e-USA. Izovula le midlalo ngokubhekana ne Borussia Dortmund yaseGermany.

