IChiefs neMarumo bazobhekana kwiCufe Cup
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs izozama ukuthi ingalehlekelwa umgqigqo eqale ngawo kwiBetway Premiership ngokudlala umdlalo wobungani ngempelasonto.
Leli qembu laseNaturena liqinisekise ukuthi lizongcweka neMarumo Gallants emdlalweni lapho la maqembu ezobe ebanga khona iCufe Cup.
Lo mdlalo uzokuba seToyota Stadium, eBloemfontein, ngeSonto ngo-3 ntambama. Imidlalo yeligi imile njengoba kuhlonishwa ikhalenda leFifa kuleli sonto nelizayo.
NgoLwesihlanu iBafana Bafana izobhekana neCongo emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations eNelson Mandela Bay Stadium.
Ngemuva kwalokho iqembu lesizwe lakuleli lizophinde lidlale neCongo eBrazaville ngo-Okthoba 15. IChiefs inomdlali oyedwa kuphela kwiBafana, uRushin Dortley.
Amakhosi awaqali ukuyojabulisa abalandeli bawo eBloemfontein. Ngaphambi kokuqala kwesizini iChiefs idlale neYoung Africans yaseTanzania emdlalweni weToyota Cup, yashaywa ngo 4-0.
IChiefs izobuyela emidlalweni yeligi ngokubhekana neSuperSport United khona eBloemfontein ngo-Okthoba 26.