URulani Mokwena: Sizizwa ngathi siwinile… kusamele sisebenze
By Njabulo Shezi
IMamelodi Sundonws imenze waziqhenya umqeqeshi uRulani Mokwena ngendlela edlale ngayo ibambana ngo 0-0 neWydad Athletic kwiCaf Champions League ekuhambeni.
ISundowns ikhombise isibindi indlela ebidlala ngayo, ingayesabi iWydad okuyiyo engompetha abavikela le ndebe.
EzikaRulani Mokwena ziphikelwe igoli ebelishaywe nguPeter Shalulile kwathiwa ubesesendaweni engamfanele ngemuva kokucubungulwa komnyakazo kwiVAR.
Ziqede nomdlalo zingasaphelele njengoba uNeo Maema noMarcelo Allende bekhishwe ngamakhadi abomvu kulo mdlaloowandulela owamanqamu ngoMgqibelo ebusuku.
Kodwa noma kunjalo, uRulani Mokwena uphume ejabule futhi egcwele ithemba ukuthi bazowuqedela umsebenzi ekhaya.
“Kufana nokuthi kusaphele isiwombe sokuqala njengamanje,” kusho uRulani Mokwena ngemuva komdlalo.
Njengoba ikwazile ukubuya ingangenelwanga goli futhi ingahlulwanga, iSundowns yiyo ebonakala seyisethubeni elihle lokuwina lo mdlalo idlulele kowamanqamu.
“Ngeke kube lula. YiChampions League le. Kusafanele sidlale eminye imizuzu angu-90.
“Okwamanje ngiyaziqhenya ngabadlali bami, basebenzile. Bakwazile ukumelana nesimo esizinzima.
“Ngaphambi kokuthola ikhadi elibomvu besiwubambe kahle umdlalo… Yingakho ngibancoma nje abadlali bami.
“Kodwa kuzomele sizibambe, sehlise umoya ngoba umsebenzi usasisalele emlenzeni wesibili le ekhaya ePitoli.”
URulani Mokwena uthembe nabalandeli beSundowns ukuthi bazokwenza kube lula kancane uma sebesekhaya.
“Siyazi ukuthi sizobe sesinabalandeli bethu ngoba basifaka umfutho othe xaxa. Nabadlali sebekujwayele ukudlala imidlalo enzima kanje.
“Lo mphumela njengamanje uzwaka ufana nokuthi siwinile ngokwesimo semizwa. Kodwa njengoba ngishilo, sisasalelwe omunye umdlalo.”
FUNDA NALA: Uphume nomopho u-Arthur Zwane ngemuva kwesibhaxu seChiefs
Umdlalo womlenze wesibili uzoba seLoftus Versveld Stadium ngoMgqibelo ozayo la kulindeleke igcwale le nkundla.