UMokwena uhilizisane nabezindaba kubangwa icebo e-Esperance
Uqophisane nabezindaba eTunisia umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena kulandela ukushaywa kwezakhe ngo 1-0 yi-Esperance.
Igoli likaYan Sasse, alishaye esiwombeni sokuqala liqinisekise ukuthi i-Esperance izibeka ethubeni elihle lokungena kowamanqamu kwiCaf Champions League.
Nokho kusazomele iphinde isebenze kanzima ukuphebeza iSundowns ekutheni iingalitholi igoli emdlalweni womlenze wesibili.
UMokwena, ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, ubuzwe ukuthi ucabangani ngokuthi i-Esperance ibe namacebo adlula awakhe kulo mdlalo.
“Angivumelani nokuthi i-Esperance inqobe ngenxa yecebo lokudlala, ngiyaphika impela nje,” kusho uMokwena.
“Ebholeni kunezinto ezimbili ezibaluleke kakhulu kule mizuzu engu-90 (yomdlalo).
“Okokuqala wukuthi mangaki amathuba okushaya amagoli owakhile, nokuthi ubani obe namaningi…
“Yilowo umbuzo okumele ningiphendule kuwo. Ubani owakhe amathuba amaningi phakathi kwethu ne-Esperance? (iphendilile intatheli ithi iMamelodi)
“Kunjalo, ngiyabonga. Ubani ke ovimbe kangcono emuva phakathi kwalo owakhe amathuba nalo owakhe amancane?
“Ngabe yiMamelodi enikeze i-Esperance amathuba amaningi noma kube yi-Esperance…
“Basidedelele amathuba amaningi, pho kushiwo kanjani ukuthi uvale kahle emuva kunjalo?
“Mhlawumbe ihlukile mina indlela engihlaziya ngayo ibhola,” kuchaza lo mqeqeshi.
“Uma uvala emuva, akumele udedele amathuba amaningi, yileyo indlela yokuvala emuva.
“Ngakho kumele ngilivikele iqembu lami, angivumelani nale oyishoyo. Ngiyaxolisa ngalokho.”
Umdlalo womlenze wesibili okulindeleke ushube kakhulu uzoba seLoftus Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
FUNDA NALA: OwoSuthu ukhale ‘ngobuqola’ bePirates imenze njalo
Kulapho kuzocaca khona ukuthi iSundowns ibhajwa kulesi sigaba semidlalo eyandulela owamanqamu yini futhi nakulokhu, noma idlulela phambili.