Kushone owayengumqeqeshi weSundowns
SIHLE NGUBO
Kudlule emhlabeni owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, phakathi kuka-2011 no-2012, uJohan Neeskens.
UNeeskens ungomunye wabadlali bakudala basesiswini abathathwa njengezinkakha zikanobhutshuzwayo ezingasoze zilibaleke ebholeni laseNetherlands.
Wayeseqenjini laseNetherlands elahlulwa kowamanqamu weNdebe yoMhlaba kabili kulandelana, ngo-1974 no-1978.
Lolu qweqwe, olushone seluneminyaka engu-73, lubhalwe kwi-125 Greatest Living Footballers emcimbini weFifa ngo-2004.
Ngo-2017 uNeeskens uphinde wafakwa kwi-FourFourTwo yezinkakha ezingu-100 ezingasoze zilibaleke ebholeni lapho ayeyibambe khona endaweni ka-64.
UNeeskens uke waba yiphini lomqeqeshi kwiNetherlands nakwi-Australia ngemuva kokugaxa amakhokho akhe emgibeni. Ngo-2006 kuya ku-2008, ubeyiphini lomqeqeshi kwiBarcelona FC yaseSpain.
Ufike eNingizimu Afrika ezoqeqesha iSundowns ngo -2011. Kuleli qembu laseChloorkop uhlale isikhashana njengoba ekhonjwe indlela ngoDisemba ka-2012, iqembu lisendaweni yesibili ukusuka emsileni ngemuva kwemidlalo engu-12.
UNeeskens uzalelwe eNetherlands kodwa udlule emhlabeni ese-Algeria ngo-Okthoba 6.