ULarsen unethuba lokuyiphinda iDowns ‘esehlome ngogesi’
SIHLE NGUBO
Njengoba kuphela amaphupho ngezigubhu zikagesi eNingizimu Afrika ngeSonto, iMagesi FC izozama ‘ukudedela ugesi’ kwiMamelodi Sundowns kowamanqamu ngoMgqibelo.
Abantu baseNingizimu Afrika bayatatazela njengoba inkampani ebaphakela ugesi, i-Eskom, ibanqumele ugwayi katiki ukuthi baqondise konke ngezigubhu zikagesi, kungenjalo bazozithola bekhungethwe ubumnyama ngemuva kukaNovemba 24 (ngeSonto).
Ngakolunye uhlangothi omakoti bePremiership, iMagesi FC, bazotholana phezulu nompetha beligi, iSundowns, emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout ka-2024, eToyota Free State Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
IMagesi iya kulo mdlalo nje ayinikwe lutho ngoba izobhekana neqembu elingashayeki kalula, Abafana Ba’Style. Nokho ezikaClinton Larsen kuningi ezingabambelela kukona bese lime ngezinyawo ithemba lokuqumba phansi ezikaManqoba Mngqithi.
Leli qembu, okungokokuqala lidlala kwiPremiership, linyakazise iNingizimu Afrika yonke ngesikhathi liqumba phansi i-Orlando Pirates ngo 3-2 emdlalweni weLast 16 yeCarling Knockout.
Ihlekwe kakhulu iPirates ngokushaywa yiqembu elifikayo kwiligi enkulu, futhi okumangaze abalandeli bebhola abaningi ukuthi kulo mdlalo ike yalandela ngemuva ngo 3-0, zingakayi ngisho ekhefini.
Liqhubekile iphupho leMagesi ngesikhathi ishaya iTS Galaxy ngo 1-0 kwi-quarterfinal yeCarling Knockout. Ibe seyiqopha umlando ngokuzibekisela indawo kowamanqamu walo mqhudelwano ngemuva kokushaya iRichards Bay FC ngo 1-0 kowandulela owamanqamu.
Konke lokhu kuzokwenza abadlali bakholwe ukuthi bangafika eBloemfontein baphendule amatafula, ibheke phansi iminwe kuBafana Ba’Style.
Okunye eza nakho uLarsen ukuthi unayo inhlanhla yokushaya iSundowns. Ngo-2012 uyiqumbe phansi iDowns ngo 1-0 (esacija iBloemfontein Celtic) kuwona lo mqhudelwano usabizwa ngeTelkom Knockout.
Igoli likaJoel Mogorosi, elasusa omkhulu umsindo, yilona elaweza iCeltic ngelibanzi. Ekugcineni uLarsen lasebenza itulo lakhe lokugingqa iSundowns.
Ubuyile futhi uLarsen neCeltic ngo-2015 wahlaza iSundowns eyibhaxabula ngo 5-0 emdlalweni weligi. Lokhu kwayiphazamisa kakhulu embangweni wesicoco seligi esagcina sikhale semuka neKaizer Chiefs.
ISundowns ezobhekana neMagesi kulokhu ihluke kakhulu futhi ayikalidedeli igoli kwiCarling Knockout ka-2024.
Abafana Ba’Style bavule umqhudelwano ngokuqumba phansi iLamontville Golden Arrows ngo 5-0, base belandelisa ngeChiefs abayishaye ngo 4-0. Kowandulela owamanqamu badlule kwiMarumo Gallants ngo 2-0.
Sekuzohlaluka ngempelasonto ukuthi iMagesi izoyihambela phambili yini i-Eskom icishe ugesi eBloemfontein, kungakashiwo ukuthi isigubhu sakhona asisho ukuthi KRN2. Noma iSundowns izozibuyisa zishisa izinsuku kuLarsen oseyigile kaningana.