EzakamuvaiCarling Knockout Cup

UJali akaneme ngokuwina u-R100 000, iSwallows iwasha ijezi

Ubebonakala nasebusweni u-Andile Jali ukuthi akajabule yize ezolala eno-R100 000 othi yena ngemuva kokuqokwa njengomdlali ovelele eKing Zwelithini Stadium ngeSonto ntambama. 

Lo mdlali weMoroka Swallows uqokwe abalandeli ngesikhathi ezakhe ziguqiswa yiRichards Bay FC kwiCarling Knockout Cup. 

UJali udlale kahle kodwa ke ukube bekuhanjiswe ngeqiniso bekumele kube ngomunye wabadlali abasebancane beRichards Bay abanqobe le ndondo. 

Nomqeqeshi waleli qembu laseMhlathuze, uKaitano Tembo ukhalile ngokuthi akekho kubadlali bakhe ovetelelwe ukuthatha le ndondo. 

IRichards Bay yiyo evule inkundla kulo mdlalo, uNtuthuko Mabaso nguye oshaye igoli louqala. 

Nokho iGabadinho Mhango ube eselithola elokulinganisa ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini. 

Kodwa esiwombeni sesibili kuqhamuke uYanela Mbuthuma ukhombise ubuhlakani nobuka bukhali, esebenzisa iphutha elenziwe uKwanda Mngonyama ukushaya elesibili. 

UJali ulikhalelile leli phutha, ethi sekubajjwayele ukuthi bavele baphisane ngamagoli nje, bese bezithola sebehluliwe. 

“Ya, hhayi… Sidliwe iqembu elilodwa kabili. Angikwazi ukujabulela ukuwina lento (esho indondo) uma sihlulwa emidlalweni kanjena,” kusho uJali ngemuva komdlalo. 

“Ngeke silahle imidlalo kanje siyiqembu. Siyazazi siyiSwallows ukuthi kumele sidlale kanjani. 

“Kodwa ke, sizobuyela sizame futhi. Uma siphumile siphumile, sizobuye sizame kweminye imiqhudelwano.” 

UJali uthi sekujwayelekile ukuthi bavele banikele ngamagoli nje kungenasidingo. UMngonyama ubezama ukudlala besuka emuva ngesikhathi enza iphutha.

“Amaphutha ethu. Abantu abalisebenzeli igoli (uma bebhekene nathi) siyabapha nje kalula igoli. 

BUKA: Ngabe uMaart akamuzwa kahle uNtseki?

“Kodwa ke ngeke sizisole ngoba yinto yethu, siyayenza vele. Noma ingavumi, sizozama ukuyenza njalo. Sizoyenza ize ivume.”