EzakamuvaIbhola

Umqeqeshi ubopha usihlalo weG-Millionaire ‘omkweleta imali’

PHILI HLONGWANE 

Obengumqeqeshi weG-Millionaire, edlala kwi-ABC Motsepe League e-Eastern Cape, uNkosenhle Ngema, uselufake enkantolo udaba lokuxoshwa kwakhe usihlalo waleli qembu uBongani Gumede.

UNgema, owayengumqeqeshi weqembu leDiski Challenge leRichards Bay FC, ukhonjwe indlela nethimba lakhe labaqeqeshi, uSanele Shozi noLindani Mtebele, kusaphele amasonto ayisikhombisa kuphela beqashwe yileli qembu.

Ngokomthombo osondelene naleli qembu, okwenza uNgema adlulisele udaba enkantolo ukuthi ufuna ukukhokhelwa imali yakhe angayitholanga ngesikhathi exoshwa.

IG-Millionaire beyisadlale imidlalo emibili kuphela ngaphansi kukaNgema nethimba lakhe, ngesikhathi uGumede ebakhomba abeza ngayo.

Badlale kwiNedbank Cup neFC Ravens, lapho bewashiswe khona ijezi. Baphinde badlala oweligi neSinenkani FC yabashaya ngo 1-0.

Ngemuva kwalokho bathole incwadi ebatshela ukuthi sekuphelile obekubahlanganise neqembu. Kuvela ukuthi uNgema ubenesivumelwano sonyaka neqembu.

“UNgema ukholwa ukuthi abukho ubulungiswa ukuthi axoshelwe ukushaywa yiRavens neSinenkani,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa yiMpempe.

“La maqembu ahlale edlala imidlalo yokuhlunga futhi asebe khona amasizini amane noma amahlanu kule ligi. IG-Millionaire inamaviki amahlanu noma ayisithupha (kwi-ABC Motsepe League) kodwa seyifuna ukuwashaya.”

Okunye okuvezwe umthombo ukuthi uNgema nethimba lakhe bebenenkinga ngendawo yokuhlala baze bayohlala kwakhe uGumede. Kuthiwa ngisho abadlali abayitholanga imali yabo ngesikhathi, bathe sebeyithola yabe ingaphelele.

Intatheli yeMpempe imfonelile uGumede kodwa wangafuna ukuphumela obala ngalolu daba. Akukho nokho akuphikile yize kungekho akucacisile.