Unozinti uWilliams ubizwe kwiBanyana Banyana okokuqala
SIHLE NGUBO
UJessica Williams ubizwe okokuqala eqenjini lesizwe elikhulu, iBanyana Banyana, elizobhekana neJamaica emidlalweni yobungani.
IBanyana izobhekana neReggae Girls emidlalweni yobungani kusukela ngoNovemba 24 kuya kuDisemba 4.
Iqembu lesizwe lakuleli linakho ukubamba liyeka epalini futhi lokhu kugqame kakhulu kwiNdebe yoMhlaba ebiseNew Zealand nase-Australia ngonyaka odlule.
Abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bakhala kakhulu ngokudlaliswa kukaKaylin Swart kwiBanyana obuye enze amaphutha alenzela phansi kakhulu iqembu.
Ngakolunye uhlangothi umqeqeshi weBanyana, uDesree Ellis, uzithethelela ngokuthi u-Andile Dlamini, ongunozinti weMamelodi Ladies, akadlali eqenjini lakhe yingakho nje edlalisa uSwart.
Ngokusho kuka-Ellis nangesikhathi seNdebe yoMhlaba wayebhekene nesimo esifanayo sokuthi uDlamini waya kulo mqhudelwano ekade agcina ukudlala. Nokho uthi uyambiza esikwatini ngenxa yamava akhe.
UWilliams wenze kahle kakhulu kwiCosafa Women’s Championship nonyaka futhi uze washaya igoli. Udedele udalimede we-free kick ngesikhathi iBanyana ibhekene ne-Eswatini abagcina beyishaye ngo 3-0.
Ukufakwa kukaWilliams kusho ukuthi uzoncintisana noSwart benoDlamini, okuyinto engase ixazulule inkinga ezintini zeBanyana.
UThembi Kgatlane noJarmaine Seopesenwe abafakwanga eqenjini “ngoba bazobe bexinwe yimidlalo emaqenjini abo,” ngokusho kuka-Ellis.
Selilonke iqembu limi kanje:
Onozinti :
Kaylin Swart, Andile Dlamini, Jessica Williams
Izitobha:
Tiisetso Makhubela, Lebohang Ramalepe, Shakira O’Malley, Ntando Phahla, Lonathemba Mhlongo, Karabo Dhlamini, Asanda Hadebe
Abasesiswini:
Bongeka Gamede, Nomvula Kgoale, Noxolo Cesane, Kholosa Biyana, Sibongile Ntoane, Sibulele Holweni, Amogelang Motau, Nonhlanhla Mthandi
Amafolosi:
Linda Motlhalo, Nicole Michael, Hildah Magaia, Nthabiseng Majiya, Gugu Dlamini