EzakamuvaiCarling Knockout Cup

I-PSL ‘ilalele’ uHunt ngecebo lokugcwalisa izinkundla

UGavin Hunt, ongumqeqeshi weSuperSport United, usanda kuveza umbono wokuthi kubuyelwe esitayeleni sakudala ukuze imidlalo ye-PSL ikwazi ukuheha abalandeli. 

Lo makadebona womqeqeshi wayekhala ngokuthi ezakhe zivamise ukudlala enkundleni ekhala ibhungezi ikakhulukazi uma isePeter Mokaba Stadium ePolokwane. 

Wabeka umbono wokuthi okungcono uma ezakhe zinomdlalo kule nkundla, awuhlanganiswe nomunye ukuze abantu bezozela imidlalo emibili okungenani. 

“Mhlawumbe i-PSL kumele ikubheke lokhu, ngicabanga ukuthi kumele senze okuthile ukubuyisa isasasa ngalo mqhudelwano neminye,” kusho uHunt kwethulwa iCarling Knockout muva nje. 

“Mhlawumbe kudlalwe imidlalo emibili enkundleni eyodwa njengoba kwakwenzeka kudala e-Ellis Park, ikakhulukazi kulo mdlalo weSuperSport nePolokwane City, ukwengeza isasasa.”

“Mina lo mdlalo wethu nePolokwane bengizowuhlanganisa nomunye, kube yimidlalo emibili enkundleni eyodwa ngosuku olulodwa. 

“Ngezikhathi zethu besidlala iJohn Player Special Cup. Bekuhlezi kunamaqembu amabili angenabo abalandeli abaningi njengeHellenic neWits. 

“Uma iqembu elifana ne-Orlando Pirates liqhathwe neHighlands Park wawazi ukuthi kuzoba nabantu abangu-50 000 enkundleni, bonke beze ngePirates kodwa lokho kwenze kube mnandi.” 

Kuzokhumbuleka ke ukuthi lo mdlalo ugcine udlalelwe eTshwane University of Technology Stadium, ePitori ngempelasonto. 

ISuperSport ithelwe ngehlazo lika 4-1 kulo mdlalo, yaliwasha kanjalo ke ijezi. I-PSL isimlalelile ke uHunt. 

Ikhipha izinkundla zemidlalo yomzuliswano wesibili kwiCarling Knockout ngoLwesine, i-PSL iveze ukuthi kukhona ezodlalelwa enkundleni eyodwa. 

Umdlalo weRichards Bay ne-Orlando Pirates, nowaMaZulu FC neGolden Arrows izodlalelwa eMoses Mabhida Stadium yomibili. 

Le midlalo izoba ngoMgqibelo kaNovemba 4. Kuyoqala oweRichards Bay nePirates ngo-3.30 ntambama. Bese kuvala owoSuthu ne-Arrows oyoqala ngo-7 kusihlwa.

NgoNovemba 3, okuwuLwesihlanu, kuyoqala iPoolokwane City neStellenbosch e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane. 

FUNDA NALA: Imicibisholo ye-Arrows ibheke kwiChiefs yonke

NgoMgqibelo ngo-8 ebusuku, kuyodlala iSekhukhune United neTS Galaxy ePeter Mokaba Stadium ngo-8 ebusuku.