EzakamuvaiCarling Knockout Cup

URainers usebheke owamanqamu kwiCarling Knockout

Akulula ukumsola u-Iqraam Rainers weStellenbosch FC uma esephupha ngokudlala owamanqamu kwiCarling Knockout Cup. 

Ikakhulukazi uma ubheka indlela abenze kwabukeka kulula ngayo ukudlula kwiPolokwan eCity abayishaye ngo 2-1 e-Old Peter Mokaba Stadium ngoLwesihlanu ebusuku. 

Kuzokhumbuleka ukuthi lePolokwane abayishayile yile eyabhuquzisa iSuperSport United ngo 4-1 emzuliswaneni wokuqala kule ndebe. 

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo aqokwe kuwo njengoMdlali oVelele, uRainers uthe sebejike kaningi sebesondele ekunqobeni indebe, manje sebefuna ukuyiqukula. 

“Ngifuna ukubonga uMdali. Besazi ngeke kube lula ukuza lapha but ngibatshelile abafana ukuthi kumele sibafakele ingcindezi,” kusho le ngqwele esimidwayidwa kunobhutshuzwayo.

“Ngibatshele ukuthi kumele sibacindezele sibone ukuthi bazokwenza njani. 

“Emizuzwini engu-15 yokuqala sikwazile ukuthola amagoli amabili esinqobe ngawo lo mdlalo,” kwengeza uRainers. 

Ebuzwa ngegoli lakhe, okuyilo elivele labonakala liyicoba amathambo iPolokwane, uRainers uthe ubebatshelile ozakwabo ukuthi yena akazukwenz alutho olunye, uzolinda ukuphaselwa, abhakuzise inethi.

“Ngibatshelile ozakwethu ukuthi abangithumelele amabhola, ngizobe ngiqube ebhokisini. 

“Lisuke kuJayden (Adams), laya kuDevon Titus, labuyela kuJayden olidlulisele kimi, ngavele ngakhahlela. 

“Ya, ngijabule ngokushaya igoli nokungena emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu.” 

“Kithi, sesiside isikhathi silwela indebe. Sizobhekana nomdlalo ngamunye. Kolandelayo sizozama ukulwela ukudlulela kowamanqamu.” 

IStellies isizolinda ezoqhathwa nabo emzuliswaneni olandelayo. Lamaqembu azophuma emidlalweni yangoMgqibelo. 

FUNDA NALA: U-Ebrahim ucacisa eyokungaholelwa konompempe beSafa

Kusele i-Orlando Pirates, okuyiyo ebhekiwe ukudla le ndebe, yiGolden Arrows, AmaZulu FC, iRichards Bay, iSekhukhune United neTS Galaxy.