IBetway Premiership

IPirates iziphindisele kwiMagesi kowePremiership 

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates izabalaze kwagcina kulungile ishaya iMagesi FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, e-Old Peter Mokaba Stadium, ngeSonto ntambama.

Ukunqoba kwePirates bekufana nokuziphindiselela kwiMagesi eyiwashise ijezi kwiCarling Knockout ngo-Okthoba.

Kulo mdlalo kube nezigigaba eziningi sekuzophela isiwombe sokuqala. Kuqale ngokuthi uLehlogonolo Mokone akhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-39, kulandela ukudlalisa kabi uMohau Nkota.

Ngomzuzu ka-45 iPirates ithole igoli kanti kube yingcwenga ebekwe phakathi uRelebohile Mofokeng. Ngomzuzu ka-45+6 iMagesi ithole iphenathi kodwa wayishaya yaphuma eceleni uWonderboy Makhubu.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili iPirates ikhiphe uMakhehleni Makhaula obese enekhadi eliphuzi. UMakhaula ngeke awudlale umdlalo olandelayo weBucs ngoba unamakhadi amaningi aphuzi.

Iwatholile iBucs amathuba okushaya amanye amagoli kodwa u-Elvis Chipezeze wala ezintini zeMagesi.

Ukunqoba kwePirates kwenze yavala igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns laba amaphuzu amathathu. Nokho iSundowns seyidlale imidlalo engu-11 kanti iBucs seyidlale eyishumi.

Ngakolunye uhlangothi iMagesi izoqhubeka nokuhlala emsileni kwilogi yePremieship njengoba seyishaywe imidlalo emine ilandelana.