AbePirates neChiefs bathembisa isikwibhisi somdlalo womkhaya ngeSonto
SIHLE NGUBO
Bathembisa abalandeli umdlalo omuhle abaqeqeshi be-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, u-Abdeslam Ouadou noKhalil Ben Youssef.
EZimnyama zizotholana phezulu naMakhosi emdlalweni weBetway Premiership obhekwe ngabomvu, eFNB Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
IPirates idinga ukunqoba lo mdlalo ukuze ingaphumi embangweni wesicoco seligi esibanga neMamelodi Sundowns.
Ngakulonye uhlangothi iChiefs izama ukuqeda endaweni yesithathu kwilogi ukuze izodlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini edlule.
Lo mdlalo uphinde ube ngowamagqubu njengoba iPirates ishaye kabuhlungu iChiefs ngo 3-0 emdlalweni odlule weBetway Premiership.
UBen Youssef uthe bazoya kulo mdlalo beyiqembu elihlukile kodwa bayazi ukuthi ngeke kube lula.
“Iqembu lenza kahle emidlalweni eyisithupha edlule. Sinqobe emihlanu sadlala owodwa ngokulingana,” kusho uBen Youssef ongomunye wabaqeqeshi ababili ababambile kwiChiefs.
“Nakanjani sizoya emdlalweni sifuna ukunqoba. Sibe nebhadi nje ukuthi sibe nabadlali abaningi abalimele kule sizini.
“Nokho emidlalweni eyisithupha edlule isikwati sethu besiphelele, sazama ukungasishintshi kakhulu.”
IPirates nayo ishayela phezulu nokuyenza ihlale esicongweni selogi yePremiership.
“Lo mdlalo mkhulu kakhulu futhi ubukwa umhlaba wonke…ngikakufakazela lokho ngoba ngike ngadlala eFrance nase-England, bayakhuluma ngawo,” kusho u-Ouadou okuyisizini yakhe yokuqala kwiBucs.
“Besilokhu sizibuka thina ukuthi sifuna ukudlala kanjani selokhu kuqale isizini. Siyazi ukuthi yini esifuna ukuyizuza.
“Ngeke kube lula (ukuqoka iqembu esizoqala ngalo) ngoba nginabadlali abalambile kakhulu…wonke umuntu ukulungele ukudlala.”
Laba baqeqeshi bavumelene ngokuthi abalandeli bawo womabili amaqembu bafanelwe umdlalo osezingeni eliphezulu ngeSonto.
“Sinesibopho sokunika abalandeli umdlalo omuhle ukuze bajabule,” kugcizelela u-Ouadou.
“Ngiyabonga kubalandeli bethu ngakho konke, noma yikuphi lapho siya khona basuke bekhona.
“Siyabadinga nakanjani abalandeli bethu ukuze sifeze lokhu esikufunayo njengeqembu.”
UBen Youssef uhambe emazwini kazakwabo encoma indlela abaleseka ngayo iqembu abalandeli beChiefs.
“Asinabo abalandeli thina sinomndeni. Sifuna ukubanqobela umdlalo ukuze kubuye injabulo kubona,” kuqhuba uBen Youssef.
“Sethemba ukuthi ngeSonto sizokwenza konke okusemandleni ukuthi siyanqoba ukuze sibonge kubalandeli bethu.”
Ukunqoba kweChiefs kuzosho ukuqinisa indawo yayo yesithathu kwilogi, kanti uma kunqoba eZimnyama zizoqhubeka nokuhlala esicongweni.

