IBetway Premiership

Ngabe iChiefs izogubha engu-55 ngesibhaxu noma izonqoba kwiStellies?

SIHLE NGUBO 

IKaizer Chiefs izozama ukugubha iminyaka engu-55 yaba khona ngokushaya iStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

Izinto azihambi kahle neze kuMakhosi njengoba ekuthola kunzima ukunqoba imidlalo selokhu kuqale isizini ka-2024/2025.

EzikaNasreddine Nabi ziguqiswe yiCape Town City ngo 1-0 emdlalweni wePremiership ngeSonto, eDHL Cape Town Stadium.

Lokhu kufaka ingcindezi kakhulu kunakuqala kuNabi njengoba iqembu lizithola lizabalaza endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-11.

“Njengoba iKaizer Chiefs igubha iminyaka engu-55 yaba khona, sibheke phambili silungiselela eminye iminyaka engu-45 ezayo, njengoba sibheke kwengu-100 ebalulekile,” kusho isitatimende seChiefs.

Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe iChiefs uzokwazi yini ukuthola amaphuzu amathathu, ibhiyozele iminyaka engu-55 ngenjabulo, uma isibhekene neStellies ngoLwesithathu?

Akukho ukungabaza ukuthi abadlali baya kulo mdlalo benengcindezi enkulu uma kubhekwa imiphumela yakamuva yeqembu.

IChiefs kulindeleke ukuthi ibe matasa emakethe njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali. Kubhekwe ukuthi idedele abadlali abathile, abanye ibabolekise ukuze kuvuleke isikhala sabasha.