IBetway PremiershipIbhola

Isitobha seChiefs sincoma amagalelo kaDillon Sheppard oyiphini lomqeqeshi

SIHLE NGUBO

Uncoma iKaizer Chiefs ngokuletha uDillon Sheppard ethimbeni labaqeshi elisha, u-Inacio Miguel, ongumdlali wasemuva waleli qembu.

USheppard ubeqeqesha iqembu eligijima kwiDStv Diski Challenge (DDC) ngesizini edlule.

Ngaleso sikhathi leli qembu laseNaturena belicijwa uCedric Kaze noYoussef Ben Khalil, abathathe izintambo ngemuva kokushiya kukaNasreddine Nabi waseTunisia.

Umqeqeshi omusha weChiefs, uFernando da Cruz, unalo iphini afike nalo kwase kwengezwa ngoSheppard njengephini lesibili.

Konke lokhu uMiguel ubona kuzoyisebenzela kakhulu iChiefs kule sizini esanda kuqala.

IChiefs ivule imidlalo yeBetway Premiership ngokushaya iKruger United neSekhukhune United, okuyenza kube yilona lodwa iqembu elisanqobe imidlalo emibili yokuqala.

“Sinomoya omuhle (ekhempini yethu), sinomfutho omuhle,” kusho uMiguel ekhuluma nabezindaba ngoLwesine.

“Nakanjani lokhu kwenziwa ukufika kwabantu abasha, ithimba labaqeqeshi elisha.

“Kubalulekile ukukubalula ukuthi abantu abaningi bangibuza ukuthi ngicabangani ngabadlali abasha, abasanda kusayina.

“Ngaphandle kokweya abadlali abasha nomfutho omusha esinawo eqenjini, ngicabanga ukuthi into ebalulekile eyenzekile kule sizini ukuthi umqeqeshi uSheppy (uDillon Sheppard) unathi.”

Lo mqeqeshi, oke wadlalela iBidvest Wits engasekho, uke waba yiphini eqenjini elikhulu kusekhona u-Arthur Zwane njengomqeqeshi, nangesikhathi sikaGavin Hunt.

“Ngihlale ngithi kubalulekile kakhulu ukumletha eqenjini umuntu oyiqondayo iligi, olaziyo nezwe,” kuqhuba uMiguel.

“Ngicabanga ukuthi abalandeli abakuqondi ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba nomuntu ovela kwiDDC.

“Uyabona ukuthi unesikwati esakhiwe abadlali abasebancane, ngakho udinga umuntu owaziyo ukuthi baphathwa kanjani laba badlali abasha – ikakhulukazi uma unomqeqeshi wangaphandle nethimba elingadabuki kuleli.”

Amakhosi abophele abadlali abasebancane okukhona kubona u-Asanele Velebayi (23), uMduduzi Shabalala (22), uWandile Duba (22), uLangelihle Phili (21), Faiz Abrahams (21), uLuke Baartman (20) uMfundo Vilakazi (20) noKabelo Nkgwesa (19).

“Ngokwami leso bekuyisinqumo esibalulekile kakhulu esenziwe yibhodi nosihlalo, ukuletha uSheppy.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi uSheppy unathi futhi uletha isimo senjabulo nomfutho omuhle.

“Lokho uyakubona ngomdlalo, uyakubona ngabadlali abasebancane esinabo, abadlali badlala ngokukhululeka.

“Ngicabanga ukuthi leyo iyona into ebalulekile ewumehluko phakathi kwesizini edlule nale esikuyona,” kuphetha uMiguel.

IChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.