EzakamuvaIbhola

Ngabe iTsunami seyifike qathatha kwiThwihli Thwahla?

SIHLE NGUBO 

Kungenzeka ukuthi amanzi asephinde angena ngesankahlu emzini kaShauwn “MaMkhize” Mkhize, ongusomabhizinisi nomphathi weRoyal AM, egijima kwiBetway Premiership.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi iChippa United ikhipha isitatimende lapho ikhala khona ngokuhlehlishwa isigubhukane komdlalo wayo neThwihli Thwahla, obekumele ube ngoMgqibelo.

“IChippa United FC imemezela ngokukhulu ukuphoxeka mayelana nokuhlehliswa komdlalo wayo neRoyal AM, obekumele ube seNelson Mandela Bay Stadium, ngoJanuwari 11 ngo-5.45 ntambama, ngaphandle kwesizathu,” kusho isitatimende esithunyelwe yiChilli Boys.

“Lesi sinqumo sePremier Soccer League (PSL) sithathwe sekwenziwe wonke amalungiselelo omdlalo. Ngaphezu kwakho konke lokhu asikho isizathu sokuhlehliswa komdlalo esisinikwe yiPSL.”

Okuhlalukayo lapha ukuthi inkulu indaba futhi kulindeleke ukuthi iPSL ikhiphe isitatimende esithinta iRoyal AM, enenkinga yemali kakhulu kulezi zinsuku.

Leli qembu elidlalela imidlalo yalo eMgungundlovu, kubikwa ukuthi alibaholeli abadlali ngenxa yokungabi nayo imali.

Kungekudala iSouth African Revenue Service (SARS) beyigasele emzini kaMkhize (ngokuthumela amaHawks) lapho kuvele khona ukuthi ukweleta iSARS u-R35 million.

Kugcine ngokuthi kuwolwe izimoto zikaMkhize ezibizayo nokufakazela kona ukuthi ubhekene nenkinga enkulu yemali njengamanje.

Ngaphezu kwakho konke lokho iRoyal AM isakweleta uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million, kanti le mali ilokhu ikhula nsuku zonke.

Lokhu sekuholele ekutheni iRoyal AM imiswe yiFifa ekusayiniseni abadlali kuze kube ikhokha imali yalo mdlali waseSerbia, osegijima kwiSuperSport United.

Ekuqaleni kwesizini iPSL imise iRoyal AM ekudlaleni imidlalo yeDStv Diski Challenge, kulandela ukuhluleka ukudlala imidlalo eyisithupha yokuqala yeligi.

Esimeni ebhekene naso semali iRoyal AM, ngeke kuthuse uma ingamiswa yiFifa ekudlaleni imidlalo yeBetway Premiership nokuyinto engafaka iPSL ehlazweni elinzima. Nakanjani ikhona iTsunami ezohlasela noma esivele ihlasele iThwihli Thwahla.