EzakamuvaIbhola

Ishiya imibuzo impendulo yePSL mayelana neRoyal AM 

SIHLE NGUBO 

Kuyacaca ukuthi kukhulu okwaziwa yiPremier Soccer League (PSL) mayelana nokuthi kwenzekani kwiRoyal AM, kaShauwn “MaMkhize” Mkhize.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi Impempe ibuza okhulumela iPSL, uFhatuwani Mpfuni, ukuthi ngabe le nhlangano izogcina isikhiphile yini isitatimende mayelana nokuthi uhlehliselweni umdlalo weBetway Premiership obekumele ube phakathi kweChippa United neRoyal AM, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.45 ntambama.

NgoMsombuluko Chippa United ikhiphe isitatimende lapho ibikhala khona ngokuhlehlishwa isigubhukane komdlalo wayo neThwihli Thwahla, obekumele ube ngoMgqibelo.

“IChippa United FC imemezela ngokukhulu ukuphoxeka mayelana nokuhlehliswa komdlalo wayo neRoyal AM, obekumele ube seNelson Mandela Bay Stadium, ngoJanuwari 11 ngo-5.45 ntambama, ngaphandle kwesizathu,” kusho isitatimende esithunyelwe yiChilli Boys.

“Lesi sinqumo sePremier Soccer League (PSL) sithathwe sekwenziwe wonke amalungiselelo omdlalo. Ngaphezu kwakho konke lokhu asikho isizathu sokuhlehliswa komdlalo esisinikwe yiPSL.”

Leli qembu elidlalela imidlalo yalo eMgungundlovu, kubikwa ukuthi alibaholeli abadlali ngenxa yokungabi nayo imali. Lokhu sekuholele ekutheni abadlali bangezi ejimini bekhala ngokuthi abaholanga ngoDisemba.

Kungekudala iSouth African Revenue Service (SARS) beyigasele emzini kaMkhize (ngokuthumela amaHawks) lapho kuvele khona ukuthi ukweleta iSARS u-R35 million.

Kugcine ngokuthi kuwolwe izimoto zikaMkhize ezibizayo nokufakazela kona ukuthi ubhekene nenkinga enkulu yemali njengamanje.

Ngaphezu kwakho konke lokho iRoyal AM isakweleta uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million, kanti le mali ilokhu ikhula nsuku zonke.

Lokhu sekuholele ekutheni iRoyal AM imiswe yiFifa ekusayiniseni abadlali kuze kube ikhokha imali yalo mdlali waseSerbia, osegijima kwiSuperSport United.

Ekuqaleni kwesizini iPSL imise iRoyal AM ekudlaleni imidlalo yeDStv Diski Challenge, kulandela ukuhluleka ukudlala imidlalo eyisithupha yokuqala yeligi.

Ngemuva kwesitatimende seChippa bekulindelwe ngabomvu ukuthi iPSL izokhipha isitatimende, icacise ukuthi ukuthi kungani umdlalo uhlehlisiwe.

“Ngiyaxolisa kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi ngisesimeni sokuphawula (ngodaba lweRoyal AM) njengamanje,” usho kanje ephendula intatheli yeMpempe (ngoLwesithathu) uMpfumi okhulumela iPSL.

Akwaziwa ukuthi yini evimbe iPSL ukukhipha isitatimende kodwa ukuthula kwayo kwenza ibukeke kabi futhi kusidicilela phansi isithunzi sayo.