IChiefs ‘izosayinisa’ ama-Free Agents kwiNedbank Cup
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs iyihlaya ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuqhathwa kwayo neFree Agents FC, ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azobhekana kwiLast 32 yeNedbank Cup, eGoli, ngoLwesine.
I-Free Agents yiqembu eligijima kwi-ABC Motsepe League, eGauteng. Kuyaziwa ukuthi iChiefs ihlale igxekwa ngokuthi iba mandla ukusayinisa abadlali uma sebengasenazo izinkontileka namaqembu athile.
Ngaphandle kwalokho iChiefs inalo ibhadi lokuthi ikhishwe kwiNedbank Cup amaqembu agijima kumaligi ale phansi. Ngesizini edlule iwashiswe yiMilford FC kuwona lo mqhudelwano.
Njengamanje iChiefs aziyihambeli kahle izinto kanti abalandeli bayo babheke ukuthi isayinise abadlali njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Abalindele neze ukuthi iqembu labo lilinde abadlali abangama-free agent kodwa babheke ukuthi likhiphe imali lithenge abadlali abasezingeni eliphezulu.
Izinsuku nezinkundla okuzodlalwa ngazo imidlalo yeNedbank Cup, zizomemyezelwa maduze yiPremier Soccer League (PSL).
Aqhathwe kanje kwiNedbank Cup Last 32:
Kaizer Chiefs v Free Agents
Richards Bay v Orlando Pirates
Mamelodi Sundowns vs Sibanye G Stars
Polokwane City v The Bees FC
Sekhukhune United v Cape Town City
Mpheni HD v Hungry Lions
Magesi v SuperSport United
Royal AM v Milford FC
Venda FC v Cape Town Spurs
Golden Arrows v Chippa United
TS Galaxy v Vasco Da Gama
Stellenbosch vs Kruger United
AmaZulu v Mighty Eagles
Lerumo Lions v Durban City
Umvoti v Baroka
Pretoria Callies v Marumo Gallants