IBetway Premiership

UGonzalez no-Ertugral ‘bantshontshele’ iChiefs neBucs kweyeligi

SIHLE NGUBO 

Umdlali weCape Town City, uDarwin Gonzalez, nomqeqeshi wakhe omusha, uMuhsin Ertugral, babukeka bebekuhlele kahle ‘ukuyontshontsha’ eSoweto, kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Leli qembu laseKapa lidlale imidlalo emibili enzima ilandelana, lapho belivakashelwe izinkunzi zaseSoweto, iChiefs nePirates, eDHL Cape Town Stadium.

Kuqale iChiefs efike u-Ertugral ezothatha izintambo okokuqala kwiCityzens, kulandela ukuxoshwa kuka-Eric Tinkler ngenxa yokungavumi kwemiphumela.

Bekulindeleke ukuthi iChiefs ifike inqobe eKapa ngoba iqembu belisanda kulanda umqeqeshi omusha. Nokho u-Ertugral nezakhe baphikile, yanqoba ngo 1-0 iCape Town City.

Kulowo mdlalo igoli lishaywe uDarwin Gonzalez ngesiwombe sesibili, ngesikhathi iChiefs izama ukucindezela ithole igoli lokunqoba.

NgoLwesithathu iBucs inikele enkundleni efanayo, eKapa, kanti abalandeli abaningi bebhola bebezitshela ukuthi izozihambela kalula nje kwiCityzens.

EZimnyama zakhe inqwaba yamathuba kulo mdlalo ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. UPatrick Maswanganyi uze wathola iphenathi kodwa wahluleka ukuyibeka phakathi njengoba ishaye ipali, yaphelela ezandleni zikaDarren Keet.

Ngesiwombe sesibili uqhamukile futhi lowo mbhemu waseVenezuela, uGonzalez, washaya igoli eligcine linqobise iqembu lasekhaya.

Lokhu ‘kuntshontsha’ amaphuzu ayisithupha emaqenjini aseSoweto kukaGonzalez no-Ertugral, akungabazeki ukuthi kuzolinika ukuzethemba okuphindiwe iqembu, elingayiqalanga kahle isizini ngaphansi kukaTinkler.

Okubalulekile manje kwiCityzens ukuthi iqhubeke nomgqigqo wayo nakwamanye amaqembu, kungabukeki sengathi beyihlele ukushaya iChiefs nePirates kuphela.

Emdlalweni olandelayo iCape Town City izobhekana neMarumo Gallants, nokuyilapho kuzocaca khona ukuthi iyakwazi yini ukugcina umgqigqo.