EzakamuvaiNedbank Cup

UShabba udalula okuzosiza iPirates ihubuluze Usuthu

USiphiwe “Shabba” Tshabalala oyinxusa leNedbank Cup ubona i-Orlando Pirates izoba yinkinga enkulu kuMaZulu FC.

AmaZulu azobe evakashelwe yilezi zinkunzi zaseSoweto emdlalweni we-quaterfinal yalo mqhudelwano eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. 

IPirates yiyo engompetha bale ndebe futhi seyikukhombisile ukuthi iyafuna ukuyivikela njengoba yenza nakwiMTN8.

“I-Orlando Pirates iyingozi enkulu kakhulu uma idlala eMoses Mabhida Stadium,” kusho uShabba kuleli viki. 

“Lokhu kungenxa yokuthi abalandeli bayo baphuma ngobuningi bezolisekela kule nkundla.

“Manje izoba idlala inomdlali ka-12 enkundleni, lokho akungatshwazwa. 

“AmaZulu azoba nengcindezi enkulu ngoba abheke ukuthi abalandeli awo bagcwalise inkundla. 

“Kodwa ngeke kwenzeke njengoba kuzoba yi0-Orlando Pirates ezoba nabalandeli abaningi ekhaya laMaZulu.”

Khonamanjalo, i-Orlando Pirates yilona iqembu eliwudinga kakhulu lo mdlalo njengoba lingomphetha beNedbank Cup.

Umqeqeshi wayo, uJose Riveiro, usebonisile ukuthi unalo iqhinga lokuvikela inkomishi njengoba ekwenzile kwiMTN8.

Inhlanhla yezinkomishi unayo ngempela njengoba useyiphazamisile iMamelodi Sundowns ebikhukhula nazo zonke izinkomishi.