EzakamuvaiNedbank Cup

URamovic ubhoboka ngakubheke kwiTS Galaxy 

Njengoba indebe yeCarling Knockout yamphunyuka esethembile umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, usebheke ukuzidelisa ngokunqoba iNedbank Cup.

EzikaRamovic zizobhekana neChippa United eMbombela Stadium kule mpelasonto.

IGalaxy izobe ibheke ukudlulela kowandulela owamanqamu nokusondela eduze nokunqoba le ndebe esike yayidla isadlala kwiFirst Division ngo-2019.

NgoDisemba, iRockets sahlulwa isicoco seCarling Cup, ihlulwa yiStellenbosch FC eyabashaya kowamanqamu sekukhahlelwa amaphenathi. 

“Ngingazehlisela isisindo ngokuthi ngithi inhloso yethu wukuhlala kule ligi futhi ukufika kulesi sigaba (kwiNedbank Cup) kuyasijabulisa,” kusho uRamovic.

“Kodwa cha, akunjalo. Sifuna ukungena kwiTop 8 kule sizini, futhi sifuna ukunyuka kakhulu.

“Eyokunqoba isicoco ayisaphathwa kwakuphathwa, yiphupho lethu elikhulu lelo futhi siyazi kungenzeka lokho. 

“Kodwa siyazi nokuthi uma sigxila ekusebenzeni ekuzicijeni kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, yilapho singanqoba imidlalo. 

“Ukuzicija ikhona okulaluke ukwedlula ukudlala imidlalo ngoba imidlalo uyinqoba ngokuzilungiselela. 

“Uma singazikhandli ejimini, singalenyusi izinga nsukuzonke, umdlalo ungaba yinkinga.

“Kodwa uma usebenza nsukuzonke ejimini, umdlalo uba lula kubadlali,” kuchaza lo mqeqeshi. 

Uthi into eyenza aqinise kakhulu ejimini ukwenzela ukuthi abadlali bafike emdlalweni bekwazi okumele bakwenze, bengathwali kanzima.

“Inhloso yethu wukuthi sibehlisele isisindo somsebenzi ngayo yonke indlela esingakwazi ngayo uma sebesenkundleni. 

“Imfihlo ke yindlela yokubhekana nomsebenzi, ukuzimisela nokuphila impilo efanele – kithi sonke, kuqala ngami kuze kufike koqoqa ijezi.”