Abalandeli babanjiswe utalagu ngamathikithi oweChiefs neBucs
SIHLE NGUBO
Abalandeli bebhola bazithole bengazi ukuthi yikuphi obekumele bakwenze ngesikhathi bezama ukuthenga amathikithi omdlalo wamanqamu weNedbank Cup ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Amathikithi bekuthiwe azoqala ukudayisa ngo-10 ekuseni ngoMsombuluko nokwenze ukuthi izinkumbi zabathandi bebhola zivukele eShoprite/Checkers ezweni lonke.
Abanye bebecuphe ukuthenga amathikithi kwi-internet (www.opentickets.co.za) njengomyalelo wePremier Soccer League (PSL), esitatimendeni esikhishwe ngesonto eledlule.
Kube nesiphithiphithi esiningi abantu bezama ukuthenga amathikithi kodwa betshelwa ukuthi kunenkinga ekhona ezweni lonke.
Abanye babambe olayini amahora amane kuya kwamahlanu kodwa bagcina bengawatholanga bonke amathikithi ezitolo zakwaShoprite/Checkers.
Kuvele ukuthi kukhona abakhokhe imali yabo kwi-internet (www.opentickets.co.za) kodwa kwagcina kungacaci ukuthi bayawathola yini amathikithi.
Konke lokhu kushiye abalandeli benengekile futhi kungacaci ukuthi amathikithi aphelile yini izolo noma asekhona.
Kuke kwakhona abathi kumisiwe ukudayiswa kwamathikithi kodwa azobuye adedelwe. Babodwa abathi bona bebesawathola ezitolo zakwaShoprite/Checkers izolo ntambama.
Intatheli yeMpempe izifikele mathupha kuShoprite oseBerea Center, eThekwini, ngabo-3 ntambama ngoMsombuluko, iyobuza ukuthi kuhambe kanjani ukudayiswa kwamathikithi.
Umsebenzi waseShoprite uthe: “Amathikithi adayisiwe aphela lapha. Ngebhadi inqwaba ibasamile kulayini.”
E-Overport, khona eThekwini, kuvele ukuthi akekho othole ithikithi yize abantu beme khona amahora amane wonke.
EWindermere, eThekwini, umlandeli okhulume neMpempe uthe bame amahora amaningi kodwa bangu-22 kuphela abagcine bekwazi ukuthenga amathikithi.
Kukho konke lokhu iPSL igcine ithule cwaka, ingacacisi ukuthi inkinga ikuphi nokuthi ngabe amathikithi adayiswe aphela yini ngoMsombuluko.