I-PSL kwelinye ihlazo kuhlehla umdlalo weRoyal AM nePirates
SIHLE NGUBO
Umdlalo weBetway Premiership obekumele ube phakathi kweRoyal AM ne-Orlando Pirates, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesine ngo-7.30 ebusuku, ngeke usaba khona.
Lokhu kuqinisekiswe yiPremier Soccer League (PSL) ekhiphe isitatimende esithi lo mdlalo sewuhlehlile. Umdlalo weNedbank Cup Last 32 iRoyal AM ebizowudlala neMilford FC ngoMsombuluko, nawo ngeke usaba khona.
Esitatimendeni iPSL ichaze kanje:
*NgoJanuwari ku-2025 iRoyal AM FC yazise iligi ukuthi ngeke ikwazi ukubhekana nesibophezelo sayo sokudlala umdlalo neChippa United ngoJanuwari 11, ngenxa yezinkinga eziqhamuke ngesikhathi kuqokwa umqoqi wemali (curator).
*Ikomiti eliphezulu (i-ExCo) selibe nemihlangano emithathu ehlukene kusukela lapho, lizama ukuthola isiqiniseko eqenjini, elingaphansi komqoqi wemali, ukuthi lizokwazi yini ukudlala imidlalo yalo elandelayo ngendlela.
*NgoJanuwari 17 i-ExCo itshelwe ukuthi incwadi ebhalwe ngokuhlanganyela (evela eqenjini nakumqoqi) izolethwa ukuqinisekisa ukuthi izinkinga ezaholela ekutheni iqembu lingawudlali umdlalo walo (neChippa) sezixazululiwe.
*Ayikho incwadi enjalo efikile ngakho i-ExCo isale ingenayo enye indlela ngaphandle kokuthi imise umdlalo obuzoba phakathi kweRoyal AM ne-Orlando Pirates, eHarry Gwala Stadium, ngo-7.30 (ngoLwesine), yaphinde yahlehlisa yonke imidlalo yeRoyal AM (yeBetway Premiership noweNedbank Cup) kuze kube isikhathi esingaziwa.
*I-ExCo izophinde ihlangane ngoLwesihlanu (ngoJanuwari 24) ngo-11 ekuseni, ukuze inike iRoyal AM (engaphansi komqoqi wemali) ithuba lokuchaza ngalolu daba.
Akwaziwa ukuthi yisiphi isinqumo esizothathwa yiPSL uma iRoyal AM kucaca ukuthi izinkinga zayo zemali azixazululeki ngokushesha.
Okuhlalukayo nokho ukuthi konke lokhu kulokhu kuqhubeka nokufaka iPSL ehlazweni ngoba ngeke kulokhu kuhlehliswa imidlalo yeRoyal AM kube kungaziwa ukuthi into yayo neSARS izophelela kuphi.
UShauwn Mkhize, ongumnikazi weRoyal AM ukweleta iSARS imali ephakathi kuka-R35 million no-R40 million. Ngaphezu kwalokho uphinde akwelete uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million.