UMasipala uMsunduzi uzolaxaza iRoyal AM emaxhapheshu izinkinga
PHILI HLONGWANE
Usizi luyaqhwebana lonke luyovula amanxiwa kwiRoyal AM evele imaxhapheshu izinkinga selokhu kuqale unyaka u-2025.
Leli qembu, elidlalela imidlalo yalo yasekhaya eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, libhekene nokuthi lilaxazwe uMasipala uMsunduzi obulixhasa ngemali ukuthi kuthuthuke ezokuvakasha uma kunemidlalo emikhulu yePremieship.
UMasipala uMsunduzi sewugcine uthintekile wakucacisa ukuthi konke lokhu okwenzeka kwiThwihli Thwahla akusisizi isithunzi sawo kunalokho kusidicilela phansi.
Ngokuthola kweMpempe kuzoba nomhlangano ophuthumayo kuMasipala uMsunduzi, lapho kuzodingwa khona ukuthi uziqhelelanise ngokushesha neRoyal AM nezinkinga zayo.
Emhlanganweni umkhandlu uzodinga lokhu:
*IRoyal AM FC ifakwe ngaphansi komqoqi wemali yiSouth African Revenue Service (SARS).
*IRoyal AM FC imisa imidlalo yayo kulandelana ngakho azikho ezokuvakasha ezitholwa yidolobha nabakhokhi bama-rate.
*Igama leRoyal AM FC akukhulunywa kahle ngalo, ngakho ukuzihlanganisa nalo komkhandlu kuzoba nomthelela ongemuhle kuleli dolobha.
Ngenxa yalokhu umnyango ophethe ezomthetho uzocubungula inkontileka yoxhaso ekhona naleli qembu, bese ubheke izindlela zokuyinqamula. Uzobe sewubuyisa umbiko bese umkhandlu uziqhelelanise esidlangalaleni neRoyal AM.
Umdlalo weBetway Premiership obuzoba phakathi kweRoyal AM ne-Orlando Pirates, eHarry Gwala Stadium, ngoLwesine ebusuku, uhlehlisiwe ngenxa yezinkinga zemali ezibhekene naleli qembu.
NoweNedbank Cup Last 32 iThwihli Thwahla ebizowudlala neMilford FC ngoMsombuluko kuyona le nkundla, nawo uhlehlisiwe. I-Premier Soccer League (PSL) ikhiphe isitatimende lapho ithe yonke imidlalo yeRoyal AM imisiwe kuze kube isikhathi esingaziwa.
I-ExCo yePSL izohlangana ngoLwesihlanu (ngoJanuwari 24) ngo-11 ekuseni ukuze inike iRoyal AM ithuba lokucacisa ukuthi inaso yini isisombululo sezinkinga zayo zemali.
Akwaziwa ukuthi yisiphi isinqumo esizothathwa yiPSL uma iRoyal AM kucaca ukuthi izinkinga zayo zemali azixazululeki ngokushesha.
Okuhlalukayo nokho ukuthi konke lokhu kulokhu kuqhubeka nokufaka iPSL ehlazweni ngoba ngeke kulokhu kuhlehliswa imidlalo yeRoyal AM kube kungaziwa ukuthi into yayo neSARS izophelela kuphi.
UShauwn Mkhize, ongumnikazi weRoyal AM ukweleta iSARS imali ephakathi kuka-R35 million no-R40 million. Ngaphezu kwalokho uphinde akwelete uSamir Nurkovic imali elinganiselwa ku-R12 million.