EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Umbango wendawo yesibili nokuvika izembe usashubile

By Sbongs Gumbi

Usuyoze uphele ngosuku lokugcina lwemidlalo yeDStv Premiership umbango wendawo yesibili.

Kodwa ke iKaizer Chiefs yona ngeke isabuyela emincintiswaneni yeCaf ngesizini ezayo njengoba ingeke isakwazi ukuqeda endaweni yesithathu.

Lokhu kulandela ukuthi leli qembu lika-Arthur Zwane liphinde lathola induku, lishaywa yiSuperSport United ngo 1-0 eRoyal Bafokeng Stadium.

Umbango wendawo yesibili sewuphakathi kwe-Orlando Pirates neSuperSport. Sekuvele kucacile ukuthi womabili lamaqembu azodlala kweyeCaf ngesizini ezayo.

Osekusele kucace manje wukuthi yiliphi kuwona elizodlala kwiChampions League nelizodlala kwiConfederation Cup.

Yiwo ke lo umbango osasele, nalo  amaqembu azodliwa yizembe la kusabanga khona amathathu – iMaritzburg United, Marumo Gallants neChippa United.
IPirates izibeke endaweni enhle ngomzuzu ka-32 uTerrence Dzvukamanja eyibeka phambili ngegoli alongqofe edayiva.

Kodwa ibuye yahuqa ubuthongo emuva, wabuya u-Edwin Gymah ngomzuzu ka-38 naye walingqofela phakathi zimbuka nje izitobha zePirates.

Abe khona amathuba esiwombeni sesibili, ikakhulukazi kwiPirates kodwa yahluleka ukuwasebenzisa.

Ngaleso sikhathi iSuperSport nayo ibe seyizibeka phambili ihlomula esidididini esenzeke ebhokisini leChiefs ihlulwa ukukhipha ibhola.

BUKA: Indodakazi kaSenzo Meyiwa ikhombisa ikhono lebhola

Lize lagcina lifika kuGampani Lungu obe eselilula, leqa unozinti lahokhalakathela enethini kungasekho muntu.

IChiefs izamile ukubuya kulo mdlalo, futhi yawakha amathuba esiwombeni sesibili ngemuva kokwenza izinguquko ezimbalwa.

Nokho azisizanga njengoba igcine ilugobile uphondo, amaphuzu ahamba neSuperSport wonke.