IBetway Premiership

Bamince basaba nokushipha kwiChiefs ngeTop 8

SIHLE NGUBO 

Umdlalo obhekwe ngabomvu ngoMgqibelo kwiBetway Premiership, ophakathi kweKaizer Chiefs nePolokwane City eFNB Stadium, ngo-3 ntambama.

Amakhosi azabalazela ukugqiba ihlazo lokuphinde asale ngaphandle kwiTop 8 njengoba kwenzekile nangesizini edlule.

Okudingwa yiqembu laseNaturena ukunqoba, kungenjalo lizophinde libuke amanye amaqembu edlala kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo.

Ngeke ube lula umdlalo ngoba neRise n Shine iyafuna ukuba yingxenye yeMTN8 ngesizini ezayo, ngakho izolwa ngakho konke enakho.

Emzuliswaneni wokuqala iPolokwane iyona enqobile ishaya iChiefs ngo 2-0 ePeter Mokaba Stadium ngoDisemba 8.

Njengamanje iPolokwane City isendaweni yesikhombisa kwilogi yePremieship ngamaphuzu angu-33, kanti iChiefs iyibambe endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-31.

Nakanjani abalandeli baMakhosi bazolindela ukuthi iChiefs idlale ngomfutho eyawukhombisa ishaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup emasontweni edlule.

Omunye umdlalo ozodla ngokukhanga ophakathi kwaMaZulu FC nePirates eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngesikhathi esifanayo ngoMgqibelo.

Usuthu lusendaweni yesithupha kwilogi ngamaphuzu angu-34. Ukugwema ukushaywa yiBucs kungenza luqede kwiTop 8.

Emsileni nakhona kuminyene utshumo kodwa iqembu elisengozini yokuyodlala imidlalo yokuhlunga yiCape Town City.

Leli qembu lizobhekana nomakhelwane iStellenbosch FC eDHL Cape Town Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Ukushaywa kulo mdlalo kweCityzens kuyosho ukuthi kumele iyozabalazela ukubuyela kwiPremiership ngokudlala imidlalo yokuhlunga ne-Orbit College neCasric Stars.

ISuperSport United nayo ayiphephile ezembeni njengoba izobhekana neRichards Bay FC ngoMgqibelo. Ithemba layo ukuthi isazodlala umdlalo owamiswa kungu 1-1 neLamontville Golden Arrows.

Ngaphandle kwalo mdlalo omunye osazodlalwa ophakathi kwePirates neMagesi FC, engompetha beCarling Knockout Cup, ngoLwesithathu.

IChiefs izoya kulo mdlalo ngaphandle kukaPule Mmodi othole ikhadi elibomvu bebhekene neSekhukhune United.