Unekhono uLuyanda waseMbali oseke wamenywa yiBournemouth e-England
SIHLE NGUBO
ULuyanda Paul Gumede (17), waseMbali, eMgungundlovu, akazifeli nje kuphela ngebhola kodwa uphila lona futhi ikhono unalo njengoba esedlale emazingeni amaningi ngokukhula kwakhe.
Lo mfana useke wabizwa ngisho kwi-AFC Bournemouth, yase-England, lapho bafike bangawuvala umlomo ngekhono lakhe kunobhutshuzwayo.
Kwakuqokwe abafana abancane abenza kahle ebholeni eNingizimu Afrika, wase eba ngomunye wabathathwa KwaZulu-Natal.
Okwenza lokhu ukuthi lo mfana ukhule edlala ibhola ezikoleni abefunda kuzona, nobekwenza ukuthi agcine edlalela izikwati zaseMidlands ezinganeni zabafana abancane.
Uyise, uMduduzi Gumede, uthi indodana yakhe uyifisela ukuthi iphumelele kunobhutshwayo ngoba usebonile ukuthi iyazifela ngawo.
“Yena umfana uselikhombisile ikhono ebholeni ngoba kusukela eneminyaka eyisishiyagalombili ubegxile kulona,” kusho uGumede.
“Okunye ukuthi ubeqokwa ezikoleni ukuthi azidlalele, futhi usebuya ku-Andile Cele, uke wayidlalela iMaritzburg City.
“Uze wakhetha izikole lapho kudlalwa khona ibhola ngoba engafuni ukuthi aphazamiseke ebholeni.
“Esikoleni lapho ebhode khona (boarding school) kwaze kwafika abelungu bezobheka abadlali, bamthatha waya kwi-AFC Bournemouth.
“Wabuya nezitifiketi bemncoma bethi udlala kahle, kumele abuye. Nokho ngathi kumele aqede isikole kuqala bese eqhubeka nebhola.”
UGumede uzwakalise ukuthi uyameseka kakhulu uLuyanda ngoba uyabona ukuthi unobhutshuzwayo uyikusasa lakhe.
E-Midlands nje udlalile ngokweminyaka yakhe elokhu ekhula. Lokhu kumsize kakhulu ukuthi agcine eqokelwe ukuya phesheya,” kuqhuba uGumede.
“Ngifisa athi uma eqeda u-matric athole iqembu azodlala kulona. Njengoyise ngizivulile izandla ukuthi aqhubeke nebhola ngoba yinto ayithandayo.”
ULuyanda ufunda u-matric eTreverton College, eMooi River. Akungabazeki ukuthi usekujahile ukuqeda isikole bese ayogxila kunobhutshuzwayo.

