Kusolwa ukuphathwa ngesandla sensimbi kuKaze oxoshwe yiSekhukhune
SIHLE NGUBO
Kuvela izinsolo zokuthi ubephethwe ngesandla sensimbi selokhu afika kwiSekhukhune United, umqeqeshi osehlukene naleli qembu, uCedric Kaze.
Lo mqeqeshi, obecija iKaizer Chiefs ngokubambisana noYoussef Ben Khalil ngesizini edlule, ukhonjwe indlela yiBabina Noko kulandela ukushaywa yi-Orlando Pirates kathathu kulandelana.
Kuthiwa uKaze wathi efika kwiSekhukhune walala esiponjini ehhovisi lemenenja yeqembu, ngaphambi kokuthi ayiswe ehhotela.
Lo mqeqeshi kuthiwa ubeboshelwa isikimu, atshelwe ukuthi ngeke aphikisane nomphathi weqembu.
Uyalelwe ukuthi ayishaye noma kanjani iPirates ngoba iSekhukhune ikwazile ukwenza lokho ngesizini edlule.
Emdlalweni wokugcina, beshaywa yiPirates ngo 3-0, uKaze ubengekho ebhentshini ngenxa yesigwebo sekhadi elibomvu.
Indlela ahambe ngayo lo mqeqeshi waseBurundi, ikhomba ukuthi kusazogijinyiswana kwiFIFA efuna imali yakhe, njengoba inkontileka inqanyulwe ngokushesha okungaka.
ISekhukhune ivele seyivale isikhala sikaKaze ngokukhuphula uPapi Zothwane, obeyiphini lomqeqeshi.
“Iqembu liyabonga kakhulu kumqeqeshi uKaze ngokuzinikela kwakhe, ukuziphathisa okomqeqeshi ohloniphekile, nakho konke akwenzele iqembu ngesikhathi sakhe. Simfisela okuhle kodwa,” kusho isitatimende seSekhukhune.
“Njengendlela yokuqhubekela phambili uPapi Zothwane useqokwe ukuthi abe umqeqeshi weqembu, elekelelwa uPaulus Masehe njengephini. UNascent Nkhwashu uzoqhubeka nokuba umqeqeshi wonozinti.
“Iqembu liyaqhubeka nokugxila ekuqinisekiseni uzinzo, inqubekela phambili nokuthi kube noshintsho olukahle njengoba sizobhekana nezinselelo ukuya phambili.”
Emdlalweni olandelayo weBetway Premiership, iSekhukhune izobhekana neTS Galaxy e-Old Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.

