UZwane udalula imfihlo yokuqeda kwiTop 8 noSuthu
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, ukholwa ukuthi uma abadlali bakhe besesimeni esihle somqondo akukho okungabehlula ukuthi bakwenze.
Usho lokhu ngemuva kokuthi AmaZulu FC ezibekisele indawo kwiTop 8 kulandela ukubambana ne-Orlando Pirates ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.
Igoli loSuthu lishaywe ngasekhaya uPatrick Maswanganyi ngomzuzu ka-66, wasala enkemile unozinti uSipho Chaine.
IPirates izamile ukubuya ihlasela kodwa bekugqame ukugeja kubadlali bayo, noma sebephakathi ebhokisini.
Kugcine kulungile ngomzuzu ka-77 ngesikhathi uSimphiwe Selepe eshaya igoli lokulinganisa leBucs kwaba ngu 1-1.
Usuthu lucishe lwashaya igoli ngomzuzu ka-85 esephunyulile uMoremi kodwa ibhola lakhe walivimba uChaine.
UZwane uthe ujabule kakhulu ngendlela abasebenze ngayo abadlali njengoba beqede isizini besendaweni yesithupha kwilogi.
“Yisimo somqondo. Ngicabanga ukuthi iqembu belilokhu lidlalela ukuphepha. Inkinga yesimo somqondo yilapho ukuvumela ukuthi kwenzeke,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.
“Yilokho ebesilokhu sigxile kukhona. Isimo sokuqonda ukuthi ungubani nokuthi kungani ulapha. Yini lena ofuna ukuyizuza wena.
“Nathi namuhla besingashaywa emdlalweni ebesiwuphethe ngezinye izikhathi. Kodwa linjaloke ibhola.
“Ukuhlale uzama ukufaka izinto ezakhayo esikwatini. Ngesinye isikhathi uma abadlali benza amaphutha awufuni ukukhombisa lokho. Uncamela ukugxila kulokhu okuhle.
“Ubuka isimo njengomqeqeshi bese uzibuze ukuthi yini engasiza iqembu. Kwezinye izikhathi akuzona izinto eziningi kodwa nje yisimo somqondo.”
UZwane ufike izinto singahambi kahle kuSuthu ezoqeqesha ngokubambisana noVusumuzi “Kanu” Vilakazi, ngemuva kokuxoshwa kukaPablo Franco Martin.
UVilakazi ushiye kungalindele muntu kuSuthu wasala eyibambe yedwa uZwane obesuka kwiKaizer Chiefs.
Usuthu luzovula isizini ngokubhekana neStellenbosch FC emdlalweni we-quartfinal yeMTN8. Ngokusho kukaZwane bafuna ukwenza kangcono kakhulu ngesizini ezayo kunalokhu abakwenzile kulena esongwayo.
Elinye iqembu laKwaZulu-Natal elipulukutshele kwiTop 8, yiRichards Bay FC. Uma kugcina kukanje iNatal Rich Boyz izobhekana ngompetha beligi iMamelodi Sundowns kwiMTN8.
Nokho iLamontville Golden Arrows neMagesi FC, abanamaphuzu angu-30, basangazishintsha izinto kwilogi yePremieship emidlalweni yabo esele yesizini.

