EzakamuvaIBetway Premiership

OwoSuthu uthembisa amaqembu ePremiership isagila

PHILI HLONGWANE

Uthembisa ukuthi kuzokhala isagila kwamanye amaqembu kule sizini ezoqala, umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu.

Usho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni amajezi oSuthu oluzodlala ngawo ngesizini ka-2024/2024 esisemome. UZungu ubechaza ukuthi kulokhu ijezi labo linesagila okuyisikhali sokuzivikela ezitheni nsuku zonke.

Okubuye kwavela ngesikhathi kunesithangami nabezindaba, eMoses Mabhida Stadium, ukuthi AmaZulu asezoxhaswa yi-Amandla Mobile. Leli qembu laseThekwini lihlukane noSpar obeselixhase iminyaka eminingi.

“Isagila ngenye yezinto amabutho oSuthu azoziphatha njalo njengoba ezobe ezingela amaphuzu aphelele, ekhaya nasekuhambeni,” kusho uZungu.

“Isagila sizositholela ukunqoba emidlalweni yomkhumulajezi, siphinde sizame ukusinqobela izindebe. Ngakho uma amaqembu ezobhekana noSuthu kumele azi ukuthi ahlangene namabutho ahlome ngezagila. Ashaya kwasani okuphambi kwawo okuyisitha.

“Ngakho-ke zinsizwa nibusisiwe ngokuthi nizogqoka isagila. Ngalesi sagila sizoqopha umlando lapha eThekwini nakwezinye izindawo.”

Iqembu lokuqala okumele livike isagila yiPolokwane City ezotholana phezulu naMaZulu emdlalweni wokuvula weBetway Premiership. ICity izoya kulo mdlalo seyike yathi ukuzivivinya njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN8.