Uzohlala isikhathi esingakanani uKanu kwiChippa?
SIHLE NGUBO
Njengenjwayelo iChippa United seyishintshe umqeqeshi kungakapheli nesikhathi esingakanani kuqale isizini yeBetway Premiership, ekubeni kwayena ebesanda kufika kuleli qembu laseGqeberha.
IChilli Boys isanda kuqinisekisa ukuthi seyihlukene noLuc Eymael ngemuva kokungacaci kwemiphumela selokhu kuqale isizini.
Leli qembu, elishintsha abaqeqeshi sengathi izikhindi zangaphansi, belicijwa uThabo September ngesizini edlule, lathi akashenxe ekupheleni kwayo.
Libe seliqasha uSinethemba Badela ekuqaleni kwesizini, kodwa naye wangahlala bamkhomba indlela.
Kuthusile ukubona iChilli Boys imemezela ukuthi yimuphi umqeqeshi osezothatha izintambo eqenjini.
“Iqembu linentokozo ukumemezela uVusumuzi “Kanu” Vilakazi njengomqeqeshi walo omusha,” kusho isitatimende seChippa.
“Umqeqeshi uVilakazi ubuya eqonda kahle usiko lweqembu, ubumqoka nokuthi lifunani.
“Amava akhe nokuzinikela endleleni yethu yokwenza izinto, kumenza abe umuntu okahle ukuhola iqembu esahlukweni esilandelayo seBetway Premiership.”
UKanu uke wathi qu kwiChippa United ngesizini ka-2023/2024, lapho ayeqashwe khona njengeTechnical Director.
Lo mqeqeshi wayekade eshiye isigubhukane kwiLamontville Golden Arrows, ayeyicija ngokubambisana noMabhuti Khenyeza.
Akahlalanga isikhathi eGqeberha njengoba ejoyine iRichards Bay ngoDisemba ka-2023, wayisiza ukuvika izembe.
Ekuqaleni kwesizini ka-2024/2025 kube khona ukungaboni ngaso linye nabaphathi beNatal Rich Boyz, wagcina elishiyile iqembu.
Ube esethathwa AmaZulu FC ukuthi ayoqeqesha iqembu lawo elidlala kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Kuthe uma kuhamba uPablo Martin, obecija iqembu elikhulu kuMaZulu, uVilakazi wanyuswa ukuthi ayoqeqesha ngokubambisana no-Arthur Zwane obesuka kwiKaizer Chiefs.
Kuphinde kwaba nokumangala uVilakazi eshiya kungalindele muntu kuSuthu, ngenxa ‘yamadimoni’ athinta yena, ngokusho kwesitatimende seqembu.
Njengoba esejoyine iChippa nje ubekade eseqeqesha iKruger United, yaseMpumalanga, egijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Umbuzo omkhulu owokuthi izophela yini isizini ekwiChilli Boys, okwazowayo ukuthi ibaxosha kalula abaqeqeshi.
“Sithatha leli thuba ukubonga abalandeli bethu abazinikele, ngokuqhubeka nokukholelwa eqenjini kulezi zikhathi ezinzima,” kuqhuba isitatimende seChippa.
“Sithembisa ukuthi sizobuya sibe yiqembu eliqinile nelincintisanayo siyiChilli Boys.”
UVilakazi uzohlala ebhentshini okokuqala uma iChippa seyitholana phezulu neMagesi FC eBuffalo Stadium, ngoNovemba 4.

